Johannesburg - Usana olunezinyanga
ezingu-18 luzelwe, u-Abukhanyisile Sitebisa, lwaseStutterheim olutholwe
ngasemfuleni lulahlwe ngugogo walo ngeledlule ngoba unina engalunaki,
selutholakale lushonile.
Amaphoyisa aseStutterheim athi usana lutholakale ngoLwesibili
ntambama ehlathini eliseduze nomfula endaweni yaseMbulelo.
Isidumbu sosana
sitholwe umuntu obeyozikhuluma ehlathini.
Funda nalolu daba: Kuboshwe ikhansela elizenza isisebenzi sikahulumeni
Amaphoyisa athi isidumbu besesiqala ukonakala kanti sitholakale
lapho amaphoyisa aluthungatha khona usana kodwa angakuthola.
Kuthiwa isidumbu sizohlolwa ukuze kutholakale ukuthi lubulawe
yini futhi kanjani.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela
IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).