Luzoqhubeka uphenyo nakuba kuqala izivivinyo eMaritzburg College

2017-10-24 12:30

Pietermaritzburg - UNgqongqoshe woMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMthandeni Dlungwana ufisele abafundi besikole iMaritzburg College okuhle kodwa njengoba bezoqala ukubhala izivivinyo zikamatikuletsheni nakuba kuqhubeka uphenyo ngezinsolo zokucwasa ngokwebala kulesi sikole.

"Lesi sikole sibengundabuzekwayo, kodwa yize kunjalo silapha sizotshengisa ukuneseka," usho njalo ngoLwesibili.

UMnyango uqalise uphenyo olunzulu kulandela izinsolo ezihlobene nokucwasa ngokwebala kulesi sikole.

OLUNYE UDABA:I-EFF ixwayise iMaritzburg College ngelithweswe abafundi

Lokhu kuza ngemuva kokuyba abafundi abathathu bakulesi sikole besuse umsindo ngokufaka enkundleni yezokuxhumana isithombe sabo bephethe izikibha ze-EFF, ezibhalwe ukuthi: "I-EFF, ithemba lethu lokugcina lokubuyisa umhlaba wethu."

Isikole sathathela la bafundi izinyathelo zokubaqondisa izigwegwe, saphinde sabathweswa icala lokwephula umthetho iSchools Act of 1996.

La macala asamisiwe okwamanje njengoba uMnyango usaphenya.

 - SowetanLive

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.