Madoda funani usizo kunokuba nishaye abesifazane - Inhlangano

2017-08-14 12:33

Cape Town - ISA National Civic Organisation (Sanco) inxuse amadoda anezinkinga ukuba afune usizo kunokuba aphakamise isadla ashaye abesifazane.

Le nhlangano esitatimendeni izwakalise ukudumula ngalowo owayengumgadli weBafana Bafana, uMarks Maponyane, olahlwe yicala lokushaya umkakhe uSyvlia.

''UMaponyane ngalesi sigameko esisodwa nje ulahlekelwe ukuhlonishwa wumphakathi ngoba akekho umuntu ohlonipha umhlukumezi,” kusho okhulumela iSanco uJabu Mahlangu.

'Kuzodingeka axolise emphakathini, afune ukwelulekwa ngokomqondo, asebenze ngokuzikhandla ukubuyisa isithunzi sakhe ukuze ezophinde ethenjwe yizinkumbi zabalandeli bakhe nabebhola abamlandela kakhulu eziteshini zikamabonakude kuSABC.”

OLUNYE UDABA: Kuboshwe iphoyisa ngokusetshenziswa kwemoto yomsebenzi ukubamba inkunzi

NgoLwesihlanu uMaponyane kubikwa ukuthi uhlawuliswe u-R3 000 noma abhadle izinyanga eziyisithupha ejele kulandela ukulivuma icala lokushaya.

UMahlangu uthe ayikho into enhle noma encomekayo ngokushaya umuntu wesifazane noma amantombazane.

Uthe abantu abadumile abafana noMaponyane kanye nePhini likaNgqongqoshe weMfundo ePhakemel uMduduzi Manana, noShaka Sisulu kumele kube yibona abahamba phambili ekulwisaneni nodlame olubhekiswe kwabesifazane, kunokuba batholakele benza okuphambene nomthetho.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.