‘Madoda, guqulani indlela yokuziphatha uma ningafuni ukubizwa ngodoti’, kusho uMalema

2017-05-26 09:29

Johannesburg – Umholi we-EFF uJulius Malema usephonsele inselelo amadoda aseNingizimu Afrika amelene nomkhankaso othi #MenAreTrash ukuthi aguqule indlela yokuziphatha futhi aqale avikele abantu besifazane.

Ekhuluma emgubhweni we-Africa Day obuseJoubert Park, eGoli, ngoLwesine, uMalema uthe owesilisa osolwa ngokubulala uKarabo Mokoena, 22, owanikeze isithombe esingesihle amadoda akuleli.

Uthe esikhundleni sokulwisana nalo mkhankaso odla lubi ezinkundleni zokuxhumana kulandela ukubulawa kukaMokoena nabanye abantu besifazane kuleli, amadoda kumele azinuke amakhwapha ngendlela abesifazane, izingane kanye nezaguga abaphathwa ngayo emiphakathini.

“Kumele sonke sizithwese lo mthwalo. Wonke amadoda akuleli angodoti uma singafuni ukubizwa kanjalo kumele siguqule indlela esiziphatha ngayo.

OLUNYE UDABA: 'Ushadile futhi unezingane ezintathu' osolwa ngokubulala uKarabo Mokoena

“Ukufa kukaKarabo kumele kusivuse emaqandeni thina singamadoda. Musani ukuziphatha kanje,” kusho uMalema.

Uqhube wathi abantu bangalindeli ukuthi bahlonishwe “umlungu” uma besaqhubeka nokungabahloniphi abantu esifazane.

“Uzinihlonipha kanjani umlungu uma ningabahloniphi abantu besimame? Uma nibona abantu besifazane nibona abantu bokuhlukunyezwa, anibathathi njengabantu abafana nani,” esho.

“Kuqala ngawe, kumele uzihloniphe wena kuqala.”

Uthe akukhathaleki noma ngabe umuntu weisfazane ubumupha imali futhi umthengela izinto, asikho isizathu sokuthi umhlukumeze.

 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.