Makhosi Khoza: Ivoti lokungathembi elokuphikisana nenkohlakalo, hhayi i-ANC

2017-08-07 09:33

Cape Town – ILungu lePhalamende le-ANC elaziwa ngokuzikhulumela, uMakhosi Khoza, usephinde wanxusa amaLungu ePhalamende e-ANC ukuthi “avote ngonembeza bawo” uma sekuvotwa esiphakamisweni sokungamethembi uMengameli Jacob Zuma, wathi leli voti alimelene ne-ANC, kodwa  limelene “nokutatshwa kwezinsiza zombuso” osekwakheke ngaphansi kukaMengameli Jacob Zuma, kubika iHuffPost SA.

Embhalweni wakuFacebook, ofakwe ngoMsombuluko ekuseni, uKhoza uthi ivoti eliyimfihlo “akusona isixazululo esisheshayo”, kodwa “kuyisinyathelo esibalulekile” esibheke “ekubuyiseni intando yeningi yethu”.

USomlomo wePhalamende likazwelonke, uBaleka Mbete, kulindeleke ukuba amemezele ngoMsombuluko ntambama ukuthi uzokuvumela yini ukuthi kuvotwe ngokuyimfihlo noma cha. I-EFF isivele isisabise ngokuthatha izinyathelo zomthetho uma ngabe uMbete elinqaba ivoti eliyimfihlo.

OLUNYE UDABA:UMakhosi Khoza uthi i-ANC eKZN ayikwazi ukumbeka amacala ngakusho ngoZuma

UKhoza ubelokhu ethola ukusatshiswa ngokubulawa, kanti ngoMsombuluko uxwayise ngokuthi “kuzoba nokujeziswa kanzima” okubhekiswe kumaLungu ePhalamende “amahle” azovota ephikisana noZuma ngoLwesibili.

“Ukweseka ivoti lokungethembi akusilona ivoti elimelene ne-ANC. Yivoti elimelene nokutatshwa kwezinsiza zombuso” osekwakhiwe ngomdlandla uMengameli Jacob Zuma ngesikhathi sakhe njengomholi we-ANC kanye noMengameli wezwe. Yivoti elimelene nenkohlakalo.

“Namhlanje nginxusa wonke amaLungu ePhalamende ukuthi avote ngonembeza. Indlela angeke ibe lula kodwa sizoyihamba ndawonye. Kumele senze into efanele futhi into efanele ukweseka ivoti lakusasa lokungamethembi uMengameli Jacob Zuma.”

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.