#Malema: UMalema ugadle kuDA, wathi akayincengile futhi angayilaxaza

2017-06-08 14:07

Durban - UJulius Malema ongumholi we-Economic Freedom Fighters uthi abakhathalelwe kuthenjwa futhi bangayilaxaza iDA uma kungukuthi ayishintshi ukwenza.

UMalema uthi iqembu le-DA nokuyiqembu abakhetha ukubambisana nalo ukuphuca i-ANC amandla koMasipala abafana neTshwane neGoli uthi leli qembu selithwele ilunda kanti lokhu yikona okuzodala uqhekeko kulo mshado wabo.

UMalema usho lokhu ngesikhathi e-phendula imibuzo esithangamini sabezindaba eBraamfontein lapho abethula khona isitatimende seqembu lakhe mayelana namameyili asanda kuvela athinta umndeni wakwaGupta.

UMalema uthi umshado wabo neDA uzolinyazwa yindlela uMeya waseNelson Mandela Bay u-Athol Trollip aziphethengayo ngemuva kokuxosha isekela lakhe eliyilungu le-UDM uMongameli Bobani emhlanganweni.

"Okwenzeka lapha kulo Masipala kubonakalisa ukungancengi nokungafuni ukubambisana namanye amaqembu. Ukulaxaza kwabo i-UDM kungaba nobungozi ngoba uma kungahlehla i-UDM nathi sizothula sibuke-nje," kusho uMalema.NgoLwesibili, iSekela leMeya, uMongameli Bobani, ucelwe ukuba ashiye umhlangano womkhandlu ngemuva kokuthi esola iMeya ngokungathembeki. UTrollip wenze isiphakamiso sokudayiswa komhlaba eWells Estate. Kodwa-ke amaqembu aphikisayo, okubalwa nalawo aphethe ngokubambisana neDA, aphikisene nalokhu.

USomlomo uJonathan Lawack ucele uBobani aphume emhlanganweni. UMaimane uyalele i-UDM ukuba ithathele izinyathelo uBobani ngokuziphatha kwakhe okungamukelekile.

Kodwa-ke umholi we-UDM, uBantu Holomisa, uthe uMaimane kumele adlulisele izikhalo zakhe ekomitini elisungulelwe ukubhekana nokungaboni ngaso linye phakathi kukaTrollip noBobani, esikhundleni sokuthi aye kwabezindaba. “Asikwazi ukuvele sigxume uma ngabe ethi gxumani. Yena (uMaimane) uphume endleleni.”

UHolomisa uthi i-UDM angeke ize idonswe ngekhala iDA futhi angeke yenze yonke into efunwa yiDA ngaphandle kokuxosisana. 

"Okwenzeka lapha kulo Masipala kubonakalisa ukungancengi nokungafuni ukubambisana namanye amaqembu. Ukulaxaza kwabo i-UDM kungaba nobungozi ngoba uma kungahlehla i-UDM nathi sizothula sibuke-nje," kusho uMalema.

UMalema uthi iqembu labo alithengwangwa ngasheke futhi alikhokhelwanga lobolo ngakhoke akukho okubaphoqa ukuba bahlale kulo mshado uma bengondlekile.

"Ayikho imali esiyikhokhelwe ukuze sibambisane ne-DA, kodwa wukusebenzisana ndawonye ukuze sithuthukise imiphakathi. Isenzo sikaTrolipp sokulaxaza i-UDM ngeke sisize ngalutho. Uma i-UDM nayo ikhetha ukusishiya lesi sithembu, nathi sizohlala sibukele sisonge izandla, icwile yodwa i-DA,"kuqhubeka lo mholi.

OLUNYE UDABA:Sishiye esingalazi ngoZuma isikhulu esiphezulu se-ANC

UMalema akagcina lapho kodwa ubuye wathi i-DA izolimala ngokufuya uHelen Zille osebonise ngokusobala ukuthi akakalwamukeli ushintsho usadla ngoludala njengoba esancoma ezinye izenzo zikohulumeni wontamolukhuni.

Lo mholi uthi kungani uMaimane esamgcinile uZille futhi kungathi bethi ummisiwe kule nhlangano kodwa usaqhubeka nomsebenzi wokuba wuNdunankulu wesiFunda saseWestern Cape.

Ngokusho kwakhe, uthi uyabona ukuthi uMaimane udonswa ngekhala futhi akanakho ukuzethemba futhi akakwazi ukuzithathela izinqumo njengomholi oqotho nobeka izwe kuqala.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.