Mancane amathuba okuba zikhishwe izidumbu ezavaleleka emayini

2017-02-08 16:00

Cape Town – Mancane amathuba okuba zikhishwe izidumbu ezintathu ezavaleleka eLily Mine, ngaphandle uma kutholakala abatshalizimali ukuze kuphinde kuvulwe le mayini, lokhu kutshelwe ikomidi lezokumbiwaphansi ePhalamende ngoLwesithathu.

Inkampani iSturns ithi kungaba yingozi kakhulu ukuzama ukukhipha izidumbu.

Kodwa ikomidi lithi akwamukelekile ukuthi asikho isiqiniseko esikhona ngokuthi izidumbu ziyoke zikhishwe.

Akucaci futhi ukuthi izoqoqwa kanjani imali yokukhokhela imindeni yezisulu.

OLUNYE UDABA: Kutholakale isidumbu sendoda enqunu sidindilize emgwaqeni

Sekuphele unyaka uPretty Nkambule, Yvonne Mnisi noSolomon Nyirenda bakhalakathela emgodini kade bekwi-container kulandela ukuvoshoka kwehlabathi emayini.

Isikhulu seSturns, uRob Devereux, sitshele iPhalamende ukuthi kunzima ukuba inkampani ithole u-R200 million odingekayo ukuze imayini ivulwe iphinde ivulwe.

UMandla Mandela, we-ANC, ufune ukuba  uDevereux acacise ukuthi lokhu kusho ukuthini ngezidumbu zabasebenzi ezingakatholakali.

UDevereux uthe bangase balubeke ngesonto elizayo usuku lokuqalwa kophenyo. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.