#Marikana: Sikhumbula abasebenzi asebalala ngenxa yalesi sibhicongo

2017-08-16 16:01

Durban - Abaholi bamaqembu aphikisayo okubalwa kubo uJulius Malema we-EFF, uMmusi Maimane we-DA kanye noBantu Holomisa ongumholi we-UDM bahambele inkonzo yesikhumbuzo sabasebenzi ababulawa esibhicongweni saseMarikana.

Okhulumela abasebenzi baseMarikana abebekhona kulesi sibhicongo, uXolani Nzuza, uthi namanje babhekene necala lokuthi yibona ababulala ozakwabo. Uthi okuxakayo ukuthi abezomthetho baqinisa isandla kubo ngaleli cala kodwa alikho nelilodwa iphoyisa eliboshiwe nelishushiswayo ngalesi sigameko.

Uthi usho lokhu ngoba ufuna abantu bazi futhi nalabo abakhohliwe bakhumbule kahle okwabehlela ngalolu suku.

Uthi batshela umengamelin uJoseph Mathunjwa ukuthi akahambe bazosala bezibona ukuba babhekana kanjani nezinkinga zabo.

OLUNYE UDABA:Zazinzima izingxoxo ngamaholo - Marikana

“Sasukuma sithi siyahamba ngemuva-nje kokuhamba kukamengameli. Ngasukuma ngama entabeni sahlukana nabafowethu,” kusho uNzuza owayekhona kwenzeka lesi sibhicongo.

Uthi okwenzeka ngemuva kwalokho uyokuxoxela amagwababa echobana.

Umphathi wemayini iLonmin, okuyiyona engumsuka walesi sibhicongo uBen Magara, utshele imindeni yezingane ezingu-153, okuyizingane zalabo abashona ukuthi imayini izoqhubeka nokuzifundisa.

Uthi kukhona ingane yokuqala esifunde yathola iziqu zezolimo ngosizo lwale mayini futhi bazoqhubeka nokubambisana nenyunyana i-Amcu ukuqinisekisa ukuthi izingane zihlala esikoleni.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.