I-ANC ingase iqondise izigwegwe odalule imali bayisebenzisile

2016-07-26 12:34

Johannesburg - Inhloko yokhetho kwi-African National Congress (ANC) uNomvula Mokonyane uzifake otakwini.

UMokonyane‚ onguNgqongqoshe wezaManzi nokuthuthwa kwendle, kubukeka sengathi ucasule izikhulu zeqembu ngokudalula ukuthi i-ANC isebenzise imali engaphezu kuka-R1-billion emikhankasweni yokhetho oluzayo, kubika iSowetanLive.

UMonkonyane wakusho lokhu eKapa ngeledlule, lapho aphinde wamangaza khona abaningi ngesikhathi edalula ukuthi usihlalo weqembu eWestern Cape, uMarius Fransman usebuyiselwe emsebenzi wakhe.

NgoLwesibili i-Eyewitness News inbike ukuthi uMokonyane angase aqondiswe izigwegwe ngokudalula inani lemali esisetshenziswe yiqembu.

Funda nalolu daba: 'Kwakudunyiswa ucansi kweye-AIDS eThekwini'

Okhulumela i-ANC uZizi Kodwa uthe: “Unobhala weqembu udalule ukuthi umuntu okhuluma ngalolu daba kwabezindaba uyoqondiswa izigwegwe.”

UGwede Mantashe uphinde wakuphika ukuthi uFransman usebuyele emsebenzini.

UFransman izolo esitatimendeni esithunyelelwe i-eNCA uthe uzobabela enkantolo ngalolu daba lokumiswa kwakhe.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.