Musani ukuthula nibona izinto zonakala - Malema

2017-06-16 14:30

Johannesburg – UMengameli we-Economic Freedom Fighters uJulius Malema wethule inkulumo yosuku ngesikhathi iqembu lakhe lihlanganyele eBoipatong, eGauteng, ukubungaza uSuku lweNtsha.

"Isizukulwane nesizukulwane kumele kube khona into esiyilwelayo. Uma sibuka nje intsha yango-1976 yalwela ukufundiswa ngesiBhunu.

“Kuhle ukuthi sibe yisizukulwane esizokwenza umehluko nesingasabi lutho, esiyibamba ishisa. Thina siphila esizukulwaneni lapho abantu abamnyama becindezelekile ngenxa yokungabikho kwenkululeko yezomnotho,” kukhuluma uMalema.

Uthe abanye abazali babecabanga ukuthi abantu abamhlophe bathunyelwa uNkulunkulu ukuba bazosiphatha.

“Kepha intsha yango-1976 yakuqeda konke lokho ngesikhathi igoloza ukufundiswa ngesiBhunu yathi yona inazo izilimi zayo engafundiswa ngazo," esho.

Uqhube ngokuthi kuningi esingakufunda entsheni yangalowa nyaka.

Uthe intsha yaseBoipatong akumele yamukele isimo sinjengoba sinje: “Kumele nilwisane nohulumeni nitshengise ukuthi anihambisani nalokhu okwenzekayo ezweni. Uhulumeni kumele afezekise izethembiso azenza.

OLUNYE UDABA: Umsebenzi ofanele uZuma owokwelusa izinkomo - Malema

“Yiningi kakhulu imali kuMasipala waseSedibeng, kepha bayayidla bafana nobaba wabo uMengameli Jacob Zuma. UZuma uthatha imali yethu ayiyise eDubai. 

“Akumele sihlale sinethezeke izinto zibe zonakala, kumele silwisane nenkohlakalo. Le mali uZuma ayithuthela eDubai kumele engabe isiza abantu ukuba bakhelwe izindlu baphinde bafakelwe nogesi.

“Azbazali bethu bafana nabango-1976 ngokuthi bathi asihloniphi uma siphonselela uhulumeni inselelo,” eqhuba.

Uthe ngaphandle kwentsha yango-1976 ngabe asikho la sikhona njengamanje.

“Aniyidingi imvume yabazali ukuba nilwisane nokungcola kanye nenkohlakalo kuhulumeni,” esho.

Uthe abantu abangalahlekelwa yithemba kepha basike iphethini entsheni yango-1976, wathi beyi-EFF bazimisele ngokusebenza ngokuzikhandla ukufukula intsha.

“Kungani intsha yakuleli ingezi namacebo aphusile, yahlulwa yintsha yakwamanye amazwe akwazi ukwakha omakhalekhukwhini nezinye izinto zobuchwepheshe?” ebuza.

Uthe uma kukhona abanamacebo abangasabi ukuza ku-EFF ukuze bezothola usizo.

“Angeke sinakhele izinxanxathela zezitolo kepha sizonakhela izimboni ukuze nizokwazi ukuziphilisa. Indaba yamaMall ingumdlalo nje ngoba kuzuza abathile nina nichithe imali yenu khona ngaphandle kokuthola inzuzo,” esho.

Uthi ngisho abantu abamnyama bangaqashwa emaMall baba sezikhundleni eziphansi.

"Uma ningafundi ningayivoteli i-EFF ngoba izoniphoqa ukuba nifunde. Uma ningasifuni isikole nisijwayeza ngamaBhunu ngoba avele abone nje umuntu ongafundiile njengesidididi sawo," esho.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.