Naba abadlali abahola kakhulu kunabo bonke kuPSL

2017-06-22 11:01

Johannesburg – Kususe omkhulu umsindo ukuvela kwemibiko yokuthi unozinti weKaizer Chiefs, uBruce Bvuma, ubelokhu ehola u-R5 000 nje kuphela ngesizini ka-2016/17 ye-Absa Premiership, kubika iThe Huffington Post SA

Ngemuva kwalokhu iSouth African Football Players Union (SAFPU) kanye nabalandeli bebhola banikele ezinkundleni zokuxhumana nalapho bezwakalise khona imibono yabo ngendlela okumele kusingathwe ngayo iholo eliphansi okumele liholwe abadlali esigabeni sePremier Soccer League (PSL). Abanye babesho nokusho ukuthi lo mdlali uhola “ushintshi".

Imenenja kaBvuma, nokungu-DJ odumile kanye nomdidiyeli womculo nodume ngelika-DJ Cleo, akafunanga ukuphumela obala ngale mibiko.

OLUNYE UDABA: U-DJ Cleo akacacisi ngomdlali wakhe kuChiefs ‘ohola u-R5000’

UNobhala Jikelele weSouth African Football Players Union (SAFPU), uThulaganyo Gaoshubelwe, watshela iKickOff.com ukuthi sebekhulumile nePremier Soccer League ukuthi yethule iholo eliphansi okungamele kube nomdlali ozohola ngaphansi kwalo.

Waqhuba wathi uma kungukuthi lokho kwenziwa yikilabhu enkulu njengeChiefs, okusho ukuthi kungenzeka ukuthi maningi namanye amakilabhu akwenzayo.

Esitatimendeni, Amakhosi awafunanga ukuphumela obala ngeholo lalo nozinti, kodwa abe esechaza ukuthi uBvuma njengomdlali osesesigabeni sabadlali abasathuthukiswa (development) – futhi obekungalindelekile ukuthi adlale eqenjini elikhulu kule sizini – ubeseholelwa iholo eliphansi njengomdlali osaqeqeshwa. 

Ngaphezu kwalokho, iFifaPro, nokuyi-International Federation of Professional Footballers, ithole ukuthi bangaphezulu kuka-38.4% abadlali bePSL abahola ngaphansi kuka-R8 000.

Naba abadlali abangu-10 abahamba phambili ngokuhola kuPSL (ngenyanga):

10. David Wome, Orlando Pirates - R250,000 

9. Oupa Manyisa, Orlando Pirates - R250,000 

8. Bernard Parker, Kaizer Chiefs - R300,000 

7. Elias Pelembe, Bidvest Wits - R320,000 

6. Khama Billiat, Mamelodi Sundowns - R350,000 

5. Anthony Laffor, Mamelodi Sundowns - R380,000 

4. Siphiwe Tshabalala, Kaizer Chiefs - R380,000 

3. Ejike Uzoenyi, Mamelodi Sundowns - R450,000 

2. Teko Modise, Mamelodi Sundowns - R450,000 

1. Itumeleng Khune, Kaizer Chiefs - R480,000

* Imiholo ithathwe kwi-Hinviral.com


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.