Nakhu okuzokwenzeka uma liphumelela ivoti lokungamethembi uZuma ePhalamende

2017-08-01 16:00

Cape Town Ukuvota ngesiphakamiso sokungamethembi uMengameli Jacob Zuma kuzoba ngomhlaka-8 Agasti ePhalamende likazwelonke.

INews24 kanye ne-OpenUp sebakhe ithuluzi ukuze abantu baseNingizimu Afrika bakwazi ukuthinta iLungu lePhalemende, bese beyalitshela ukuthi livote kanjani.

Abantu abangu-98% wonke abathumele ama-email kumaLungu ePhalamende, bacele ukuthi isiphakamiso sokungamethembi uMengameli Jacob Zuma sesekwe.

USomlomo wePhalamende likazwelonke, uBaleka Mbete, kusalindeleke ukuthi asho ukuthi lokhu kuvota kuzoba okuyimfihlo yini noma cha. INkantolo yoMthethosisekelo ayizange imnqumele usuku lokuthi asimemezele nini isinqumo sakhe.

OLUNYE UDABA: UMakhosi Khoza uthi i-ANC eKZN ayikwazi ukumbeka amacala ngakusho ngoZuma

Le nkantolo, esinqumweni sayo sangomhlaka-22 kuJuni, yathi uMbete uyena njengoSomlomo wePhalemende, onamandla okunquma ukuthi ivoti libe yimfihlo yini noma cha. Kodwa-ke lesi sinqumo akumele sithathwe nje ngaphandle kwesizathu, kumele kube nezizathu ezibambekayo.

Uma ngabe ukuvota ngesiphakamiso sokungamethembi uMengameli Jacob Zuma kuba yimpulelo, nakhu okuzokwenzeka:

  • NgokoMthethosisekelo, uMengameli Jacob Zuma, iKhabhinethi lakhe lonke kanye namaSekela oNgqongqoshe, kumele bonke basule. 
  • Uma ngabe uMengameli Zuma esesulile, uSomlomo wePhalemende, uBaleka Mbete, uzoba nguMengameli obambile. Uzobe enawo wonke amandla futhi enza yonke imisebenzi eyenziwa nguMengameli. Naye kumele athathe izifungo, eqinisekisa ukwethembeka kwakhe kubantu baseNingizimu Afrika kanye nakuMthethosisekelo. 
  • INhloko yamaJaji, uMogoeng Mogoeng, kumele anqume isikhathi nosuku kungakapheli izinsuku ezingu-30 kuvuleke isikhala ukuze iPhalamende likhethe uMengameli omusha kumaLungu alo. Uma bengaphezu koyedwa abagaqele isikhundla sokuba nguMengameli, lokho kuzokwenziwa ngevoti eliyimfihlo. UMogoeng, noma ijaji eliphakanyiswe uyena, yilona elizosingatha lolu hlelo. Uma ngabe umuntu eseqokwe waba nguMengameli, lowo muntu angeke esaba yiLungu lePhalamende. Uma ngabe uMengameli omusha engakhethwa ezinsukwini ezingu-30, uMbete kumele ahlakaze iPhalamende likazwelonke bese kubanjwa ukhetho olusha lukazwelonke. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.