Nakhu okwenziwe yisitshudeni ngo-R818K we-NSFAS

2017-08-31 19:30

Johannesburg - Kuvela okunye ngesitshudeni sasenyuvesi, iWalter Sisulu University, uSibongile Mani, osematheni kulezi zinsuku ngodaba lokufakelwa ngephutha u-R14 million kwi-akhawunti yakhe.

Nansi imininingwane mayelana nokuthi uMani uyichithe kanjani imali engu-R818 000 ezinsukwini ezingu-73.

Amaselula:

UMani wathengela yena nabangani bakhe amaselula ohlobo lwama-iPhone 7, okuwuhlobo oluphambili lwamaselula abiza imali ebalelwa ku-R12 000 iselula ngayinye.

OLUNYE UDABA:Usezivikele kuFacebook umfundi ofakelwe u-R14m ngephutha

Izinwele:

Lesi sitshudeni esenza unyaka wesibili ezifundweni ze-accounting, saqala sabonakala sifakele izinwele zikanokusho zohlobo lwePeruvian ebiza imali engu-R3 000.

USamkelo Mqhayi oyiSekela likaNobhala wegatsha lenhlangano yabafundi iSasco ophinde abekwi-SRC, utshele iTimes Live ukuthi: "UMani wayejwayele ukuzilukela i-snoopy nje kodwa kamuva ubesefaka lezi zinwele zokufakelwa zemali eshisiwe, amaPeruvian."

Indawo:

UMani ubethenga utshwala obuphambili, ama-Champagne abizayo, ethengela yena nabangani bakhe, futhi le mpilo ibisijwayelekile kuye njengoba ebeseyikhasimende lamihla yonke e-OHbrigado Champaign Bar, e-East London. Kuthiwa wenzela nomngani wakhe obekhulelwe iBaby Shower.

Utshwala

Amabhodlela eJonny Walker Gold abephuma elandela emashalofini ephathini ye-Pasma, okuyingxenye ye-PAC uMani ayilungu kuyo.

Izimpahla zokugqoka ezibizayo:

Abangani balesi sitshudeni baqala babanezinsolo ngesikhathi sesiqala sesiqala sigqoka izimpahla ezinamagama, sifika ekilasini siswenke siconsa.

Kuthiwa ubeseshintshe kakhulu uMani engasesona lesi sitshudeni ebesibukeka sizithobile, waqala wayintombazane yama-weave "edla" nengqephu.

Amaphathi:

USihlalo we-Sasco uZolile Zamisa utshele iTimeseLive ukuthi uMani ubenzela abangani bakhe amaphathi ngemali yakhe.

"Ubephila 'butebu' impilo ephambili, enzela abangani bakhe, ngamunye amaphathi ezindaweni zokudlela eziphambili, zabadla izambane likapondo."

 - ISITHOMBE:

Sibongile Money

 - Sibongile Mani:TWITTER

 - The Citizen


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.