Nali iqiniso ngowesifazane ‘obenqunu’ kuma-Metro FM Awards

2017-02-28 16:00

Cape Town – Usebhobokile umculi wesifazane osuse omkhulu umsindo ezinkundleni zokuxhumana kulandela ukugqoka kwakhe ingubo ebiveza obala umzimba wakhe emcimbini wokuklomelisa ngezindondo abaculi, amaMetro FM Awards, ngoMgqibelo.

Lo wesifazane unguNonhlanhla Qwabe kanti ungumculi we-house kanye nekwaito obelokhu ezama ukuba umculi odumile kusukela ngonyaka ka-2014.

Lo mculi  uzichaze kanje: “Ngingumama [wengane] eneminyaka engu-16 ubudala, ngiphinde ngibe umhlengikazi kanye nomculi,” usho kanje ngesikhathi enengxoxo ne-TheJuice.

Endimeni yezomculo waziwa ngelika-Skolopad kanti usebe ngumhlengikazi iminyaka engu-8.

Echaza ngokuthi kungani ebegqoke ingubo eveza umzimba ngalolu hlobo uphendule wathi: “Ngiyathanda ukuziveza, ngoba kanginamahloni ngomzimba wami. Yingakho nje ngihlale ngingagqokile ngokuphelele.”

Uma ngabe ungena emakhasini ezinkundla zokuxhuma akhe kuyabonakala ukuthi ungumuntu ongenawo amahloni ngokuveza umzima wakhe kanjalo ne-tattoo yakhe eseqhezwini.

OLUNYE UDABA: Kudala elangazelela udumo obehamba nqunu kowamaMetro FM

Uthi le ngubo yakhe esuse umsindo ithungwe ngumsiki wengqephu ozinze eFree State. “Umsiki wami wangitshela ukuthi uzongenzela ingubo eveza umzimba ngoba ngiyathanda ukuveza umzimba wami. Kodwa ngesikhathi ngilinganisa wangibuza ukuthi angiwuvezi yini kakhulu kodwa ngamtshela ukuthi ngiyakuthanda inje.”

Ebuzwa ukuthi ubeligqokile yini iphenti, uthe: “Yebo, bengikugqokile okwangaphansi. Bekuyi-G-string. Ngamtshela [umsiki wengqephu] ukuthi anamathisele [okwangaphansi] esiswini sami bese ekusika kuvuleke ethangeni?’

UNonhlanhla usesebenzise ukuba sematheni kwakhe ngokuthi akhiphe ingoma ngoMsombuluko esihloko sithi: Umzimba Wakho.Uthi le ngoma imayelana nokuzethemba ngomzimba wakho.

Unxusa abantu ukuba bazitholele le ngoma mahhlala kuFacebook, ikuTwitter kanye naku-Instagram khona bezokwazi ngohlobo lomculo alwenzayo. 

Umzimba ungausabisi

A post shared by Queen Skolopad Qwabe (@skolopad) on

Metro awards

A post shared by Queen Skolopad Qwabe (@skolopad) on

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.