Durban – Sisahlezi emakhazeni isidumbu sowesilisa waKwaZulu-Natal owabamba iLotto Power Ball ka-R18 million, njengoba inkantolo yaseMnambithi iluhlehlisile olokudingidwa kodaba lwakhe.
Lesi sidumbu siduve emakhazeni ngenxa yokuthi kunombango wemindeni ngokuthi uzofihlwa kuphi umufi, kubika iSolezwe.
UNhlanhla “Buddah” Dlamini, 29, waseNgwelezane, ubangwa abakubo kababa wakhe kwaDlamini, eNkandla, nabakamama wakhe kwaNgubane, eMnambithi.
Isidumbu sakhe sesihlale emakhazeni izinyanga ezimbili ezigcwele kusukela ashona nabangani bakhe ababili engozini yemoto ekuqaleni kukaMeyi.
OLUNYE UDABA: Ufe kwenyantisa igazi owawina i-lotto eNgwelezane
Abazali bakaDlamini bobabili sebadlula emhlabeni.
Umfowabo uSipho Dlamini uthe sebephele amandla njengoba inkantolo isilihlehlisile leli cala.
“Inkantolo ayikalubeki olunye usuku lapho kuzodingidwa khona indaba kamfowethu. Okubuhlungu idlozi lizohlupha thina ngalokhu kubambezeleka,” esho.
AbakwaNgubane bathe uma bethintwa babhoka ngolaka banqaba ukukhuluma nezintatheli.
Udadewabo kamufi wake waveza ngaphambilini ukuthi abakwaDlamini akumele bangcwabe umfowabo ngoba wakhuliswa kwaNgubane.