Namanje akukaziwa ukuthi zabulawa yini izingane ezimbili enkulisa ese-KZN

2018-04-26 18:02

Harding - Akucaci ukuthi yini eholele ekutheni kushone izingane ezimbili enkulisa eWeza, eduzane naseHarding, KwaZulu-Natal ngomhlaka-22 Mashi, okuyisigameko esaholela ekutheni amaphoyisa avule amadokodo, kubika iSouth Coast Herald.

Lolu daba luvele kuleli sonto ngemuva kokuba indoda ehlala endaweni ithe ayikaze iyibone nowodwa umbiko ngokushona kwalezi zingane kumaphephandaba.

Ithe izingane ezimbili, eyomfana neyentombazane, zazilele ngesikhathi ziba nenkinga yokuphefumula.

"Zaphuthunyiswa emtholampilo lapho ezashonela khona," kusho le ndoda.

OLUNYE UDABA:Ingane idubule ezinye enkulisa

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Gerald Mfeka uthe amaphoyisa aseHarding athola umbiko ngoLwesine, ngomhlaka-22 Mashi, mayelana nezingane ezimbili ezishonele emtholampilo waseWeza.

"Ingane yomfana enezinyanga ezimbili izelwe neyentombazane enezinyanga ezine izelwe zagula enkulisa eWeza zaphuthunyiswa emtholampilo waseWeza. Ngesikhathi zifika emtholampilo, zombili zahlonzwa njengezishonile," usho njalo.

Isihloliwe imbangela yokushona kwalezi zingane, amaphoyisa alinde imiphumela.

UMfeka uqinisekise izolo (ngoLwesithathu), ukuthi inkulisa ayivalwanga, futhi udaba lusaphenywa ngabaseshi baseHarding. Akukaboshwa muntu.

Ihhovisi lomnyango wezokuthuthukiswa komphakathi eHarding alitholakalanga liphawula.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.