Namanje amasosha awaholile eZim - Umbiko

2016-07-18 19:00

Harare - IZimbabwe isihlehlise ukuholela amasosha ayo izinyanga ezimbili zilandelana, kusho imithombo, njengoba ziqonga izinkinga zomnotho kuleliya lizwe.

Ukuntenga komnotho sekuqubule imibhikisho evale yonke into ezweni ngesonto eledlule.

Ezinsukwini eziyishumi ezedlule, uhulumeni kaMengameli Robert Mugabe wazanyazanyiswa wukhukhulelangoqo wesiteleka ngenxa yezisebenzi zikahulumeni ezingaholelwa ngesikhathi ngoba kushoda imali.

OLUNYE UDABA: Namanje akakatholakali uHangman eZimbabwe

Ngokwejwayelekile, umbutho wezempi yiwo ohamba phambili uma kuholelwa izisebenzi zikahulumeni ngenxa yendima oyidlalayo ezweni.

“Bekumele sithole imiholo yethu ngoLwesihlanu olwedlule, kepha namanje imali ayikangeni. Asazi sizoholelwa nini,” kusho isosha elicele ukungagagulwa igama.

Lo hulumeni waseZimbabwe odonsa kanzima ngasezimalini, uchitha u-80% wemali engenayo uholela izisebenzi zawo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.