Namanje asikaqedwa ukwakhiwa isikole saseNtuzuma

2017-09-13 07:02

Durban - Nakuba sesivulwe ngokusemthethweni isikole iDuduzane Primary, esiselokishini eNtuzuma, eThekwini, kubikwa ukuthi asikaqedwa ukwakhiwa.

Ngesikhathi iziphathimandla zivakashele kuso ngenyanga edlule, uNgqongqoshe wezeMfundo uMthandeni Dlungwane, owathi umnyango uchithe u-R15.9m wakha isikole, uthe uyazi ngezinkinga ezibhekene nesikole. Uthembisile ukuthi zizolungiswa.

Umthombo ongaphakathi esikoleni, ongathandanga kudalulwe igama lawo, uthe: "Amakhebula ayazilengela nje emakilasini kanti futhi ugesi uyahlupha...akuphephile," kubika iGroundUp.

OLUNYE UDABA:Kubhikishe umphakathi ngesikole esishoda ngamakilasi eLimpopo

Kuphinde kube nepayipi elilodwa lamanzi elisetshenziswa abafundi abangu-1 441. Amathoyilethi nawo awaqediwe ukwakhiwa.

Uthishanhloko okhona njengamanje esikoleni, uThandi Lushaba, waqala ukusebenza kulesi sikole ngo-1995.

Kusukela ngo-1991 kuya ku-1995 izingane zazifundela ngaphansi kwesihlahla kulesi sikole. Kuthe ngo-1995, zaqala zafundela emakilasi okubambisa. Uma lina izulu, abafundi babegodukiswa njengoba amanzi emvula ayengena ngophahla. Uma lishisa kakhulu ilanga, amakilasi ayeshisa bese kudingeka ukuba kuyekwe ukufundwa.

Ngo-2012 isikole saqala ukwakhiwa. Othisha nabafundi babekhona, ukufunda nokufundisa akuzange kumiswe. Abazali nebhodi elengamele isikole "basebenzisana nathi kwaze kafika la", kusho uLushaba ngokukhulu ukuziqhenya.

UDlungwana, ekhuluma nabazali kanye nabafundi kuvulwa isikole, uthe kube khona izinkinga eziningi nomakhi kwadingeka ukuthi ungabe usaqhubeka umsebenzi.





Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

IT Manager (contract)

Cape Town CBD
Communicate Cape Town IT
R330 000.00 - R458 000.00 Per Year

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.