Namanje azikatholakali izingane ezithunjwe eMpumalanga

2018-02-02 11:00

Johannesburg - Namanje ibingakatholakali intombazane nomfana ononyaka ezelwe abathunjwa eVosman, eMpumalanga, kusho umbiko. Lesi sigameko senzeka ngeSonto.

Kunokwesabela ukuthi kungenzeka ukuthi le ntombazane ihlaselwe ngoba iphila nebala elimhlophe (iyi-albino).

Kukholakala ukuthi abasolwa bathumba ingane yomfana ngephutha ngoba bezitshela ukuthi nayo iphila naleli bala.

Oshayasibhamu abathathu bangena ngewindi kulo muzi oseVosman, bangena ekamelweni okwakulele kulo amanye amalungu omndeni athatha izingane ezimbili, uGabisini Shabani noNkosikhona Ngwenya.

OLUNYE UDABA:Kuthiwa 'ayinyama' ama-albino eMalawi

UNomthandazo Ngenywa, uthe la madoda athatha umfana wakhe ngephutha.

"UGabisini wayelele phansi, la madoda afike amthatha ahamba naye abe eseya kwelinye ikamelo nakhona afike athatha umfana omncane ecabanga ukuthi naye uyi-albino.

Uthe umndeni uyesaba ngokuthunjwa kwezingane.

"Abantu bebehlale bethi sihleli nemali endlini, bekhomba izingane zethu, bethi singazigunda izinwele sizidayise izinkulungwane," kuchaza uNgwenya.

Izakhamuzi zibambe imashi ebihanjelwe nayizingane zesikole, zithi akubuye izingane.

UReshoketsoe Malekame, naye oyi-albino, uthe usabela impilo yakhe kanti futhi uhlezi eqalaza.

Izakhamuzi eziningi endaweni zifuna siphele lesi sihlava sokuhlaselwa kwama-albino.

Okhulumela amaphoyisa uthe amaphoyisa asazithungatha lezi zingane.

"Sesibikele zonke iziteshi zamaphoyisa eziseduze nendawo ngesehlakalo," kusho uLeonard Hlathi, okhulumela amaphoyisa.

Kuvulwe amacala amabili okuthumba.

UHlathi ucele ongase abenolwazi ngesigameko ashayele amaphoyisa ku-082 372 2195.



 - eNCA

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.