Namanje usaphika 'owagwilizisa ingane ebhakedeni elinomchamo'

2018-02-09 18:00

Johannesburg - Indoda yaseMamelodi esolwa ngokubulala ingane yentombi eyayinezinyanga ezingu-6 izelwe ngokuyigwilizisa ebhakedeni elinomchamo, ithi ayihlangene nokufa kwale ngane.

UMandla Chauke, 29, wasemjondolo yaseMamelodi East, uliphikile icala eNkantolo eNkulu ePitoli ecaleni lokubulala uTebatso Marry Croche nokushaya umama wakhe uBoikgontsho ngoDisemba 2016.

Umama wengane waseMpumalanga ezinsukwini ezimbalwa ngaphambi kukaKhisimusi ngo-2016 wavakashela uChauke wahlala naye emjondolo wakhe oseMamelodi kanye nengane.

UMbuso usola uChauke ngokushaya intombi yakhe ngesikhathi inqaba ukuzibandakanya naye ocansini.

OLUNYE UDABA:Zimkhalele ubaba 'obulale' ingane wathi yebiwe umqwayizi

Umama wengane wavuka ngakusasa ekuseni ezenza oyothenga amaqanda nogwayi, washiya ingane isalele noChauke.

Lo mama wavele waqonda emaphoyiseni eMamelodi East lapho afike acela khona usizo emaphoyiseni. Wabuyela endlini kaChauke esehamba namaphoyisa.

Ngokusho koMbuso, uChauke watshela umama wengane ukuthi ayikho ingane ilandwe wumalume wayo.

Babe sebehamba bonke uChauke wanikeza intombi yakhe imali yokugibela itekisi. Ngesikhathi umama wengane eshayela ucingo umalume wengane, waphika ukuthi ingane ikuye.

UCroche nomalume wakhe bobabili babuyela emjondolo kaChauke, base bebikela amaphoyisa ngodaba ngesikhathi befika kukhiyiwe kaChauke.

Ngokusho koMbuso kwashayelwa ucingo uChauke wabe esefika esiteshini samaphoyisa kodwa nalapho wayelokhu ephikelela ekutheni ingane ithathwe ngumalume wayo.

UCroche, amaphoyisa nabanye babuyela endlini kaChauke bafica isidumbu sengane ngaphakathi lapho ayeyifake khona ebhakedeni elingamalitha angu-20 elalinomchamo ngaphambi kokulivala wase ebeka elinye ibhakede ngaphezulu eligcwele amanzi.

Ingane yaphuthunyiswa esibhedlela kodwa yahlonzwa njengeshonile ngesikhathi ifika khona.

Ukuqulwa kwecala kuhlehliselwe uMsombuluko njengoba kusalindwe ubufakazi bodokotela.

 - The Citizen

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/World
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.