Namanje usashaqekile umndeni ngelungu elihlaselwe yizinja zawo

2017-02-06 14:30

Springbok – Namanje usathukile umndeni waseSteinkopf, eduzane naseSpringbok eNorthern Cape kulandela isigameko esishaqisayo lapho izinja zohlobo lwama-American Pit Bull zihlasela isihlobo ngoMgqibelo.

Lezi zinja zihlasele uDawid Ballie, 50, ngesikhathi ezama ukungena ngasekhishini emzini kadadewabo, kubika iNetwerk.

UBallie ulimale kakhulu ebusweni.

OLUNYE UDABA: Inja izitike ngosana oluzelwe

UFanie Cupido, ongumshana kaBallie uthe izinja zigcinwa ngemuva kwendlu kanti uBallie ujwayele ukungena ngaphambili uma ebavakashele.

"Uthango salunweba lwabalude kanti ngaphambilini zazingekho izinkinga. UBallie akakaze afike ekhaya ephuze utshwala kodwa ngoMgqibelo wesigameko wayephuzile. Yingaleso sikhathi ke izinja ezamhlasela ngaso.

"Angikwazi ukuchaza indlela ayiyo, kubi kakhulu. Unamanxeba ebusweni. Sisashaqekile namanje ngokwenzekile."

Ngokusho kukaCupido, umama kaBaliie, 74, ubeyedwa endlini ngesikhathi sesigameko kanti umfowabo omncane ubeyodlala ibhola kude nasekhaya.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Sergio Kock uthe, lezi zinja zaluma uBallie nasemqaleni, wathi kuyaphenywa ngalesi sigameko.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.