UKayise, owenza izifundo ze-International Relations and Politics e-University of Johannesburg, ubehluleka ukufihla injabulo yakhe kulandela ukumenyezelwa kwegama lakhe.

"Ngijabule kakhulu angikwazi nokuchaza indlela engizizwa ngayo ngalolu hambo olusha engizoluthatha. Ngifuna ukuzinikela ngokupheleleyo.

"Enye yezinto engizithandayo nge-OPW ukuthi iqhakambisa wonke amasiko futhi yize ngingumXhosa, ngiyethemba ukuthi ngizokwazi ukubonakalisa wonke amasiko esinawo kuleli," kusho uKayise.

Ngaphezulu kokuwina kulo mncintiswano, uKayise uzothola imali engu-R100 000 kuMzansi Magic.