Nansi imifundaze abafundi abangayibhalisela

2018-01-04 07:32

eThekwini - Ukuthola uxhaso lwezimali ezikhungweni zemfundo ephakeme kungaba nzima kakhulu, ikakhulukazi uma sekusele imizuzu yokugcina.

Ngenhlanhla kusakhona imifundaze eyisithupha abafundi bakamatikuletsheni abangayibhalisela uma benza izifundo ezihambisana nezemfundo, ezobunjiniyela, ezezimali kanye nezemfashini.

Funza Lushaka 

Lomfundaze ukhishwe wuMnyango weMfundo yamabanga aphansi futhi uvuleleke kubafundi abenza iziqu zezemfundo. Abazothola lo mfundaze kumele bazinikele ekufundiseni ezikoleni zikahulumeni iminyaka embalwa uma sebephothule izifundo zabo.

Lo mfundaze uyahluka ngokwezikhungo zemfundo ephakeme kodwa ukhokhela izindleko zokufunda, indawo yokuhlala kanye nokudla, izincwadi nezinsiza zokufunda, kanye nemadlana yesondlo.

Abake bathola lomfundaze ngaphambilini kumele bawubhalisele kabusha minyaka yonke.

Okudingekayo:

  • Incwadi kaMazisi yaseNingizimu Afrika.
  • Umfundi kumele abe nobufakazi bokuthi usethathiwe esikhungweni semfundo ephakeme ukwenza izifundo zezemfundo.
  • Amamaki amahle ezifundweni zakho
  • Umfundi kumele abonise uthando nokuzinikela emsebenzini wokufundisa.
  • Abafundi abazibona befanelekile bangabhalisela lomfundaze ngokungena lapha http://www.funzalushaka.doe.gov.za ngaphambi komhlaka 12 Januwari 2018. 

    RCL Foods Bursary South Africa 2018/19 

    RCL Foods inkampani enemikhiqizo eyahlukahlukene yokudla. Le nkampani inikeza abafundi abazimisele nabenza kahle ezifundweni zabo imifundaze yokuqhubekela phambili nemfundo yabo ezifundweni  ze-akhawuntingi, chemical engineering kanye ne-mechanical engineering.

    Kwesinye isikhathi le nkampani iyabaqasha abafundi uma sebeqedile ngezifundo zabo. 

    Okudingekayo: 

    • Isakhamuzi saseNingizimu Afrika
  • Isitifiketi sikamatikuletsheni
  • Ukuphasa ngamaphesenti angu-65%
  • Umfundi abenesifiso sokubhalisa esikhungweni semfundo ephakeme kuleli
  • Uma ufuna ukubhalisa ngena lapha http://rcl.erecruit.co.za/candidateapp/Jobs/View/171102-5/Bursary_Opportunity. Kuvalwa ngomhlaka 15 Januwari 2018.

    Solomon Mahlangu Scholarship Fund 

    Inhlangano ye-National Youth Development Agency (NYDA) inemifundaze ezonikezwa abafundi abaneminyaka engaphansi kuka-25 abanesifiso sokufunda kunoma iyiphi inyuvesi yakyleli. Isikhwama sikaSolomon Mahlangu Scholarship Fund sihlose ukweseka abantu abasha ikakhulukazi labo ababuya ezindaweni zasemakhaya abanesifiso sokuqhubeka nezifundo zabo.

    Kulabo asebethole isiqiniseko sokuthathwa emanyuvesi ngezifundo ezikhethwe wuMnyango wezokuSebenza okubalwa kuzo i-information technology, statistical analysis, data mining, sales kanye nezobunjiniyela. Lo mfundaze ukhokhela imfundo, indawo yokuhlala, wukudla kanye nezinsiza zokufunda.

    Okudingekayo: 

    • Akube wumfundi obhalisela unyaka wokuqala enyuvesi
  • Othole amamaki afanelekile ukuba angangena enyuvesi namaphesenti angaphezu kuka-70% kwizivivinyo zakhe
  • Kube yisakhamuzi sakuleli esineminyaka engaphansi kuka-35 ubudala
  • Kube wumuntu ophuma ekhaya elithola iholo elingaphansi kuka-R15 000 ngenyanga
  • Kube wumuntu obuya emakhaya noma endaweni engakathuthuki kahle.
  • Ukubhalisa ngena lapha http://www.nyda.gov.za/smsf/Pages/Applications.aspx. Kuvalwa ngomhlaka 16 Januwari 2018.

    Kumba Iron Ore Bursary

    Lo mfundaze unikezelwa ngabakwa-Anglo-American futhi ukhokhela izindleko zokubhalisa, wukufunda, izinsiza zokufunda, yindawo yokuhlala futhi uthola isondlo sokuthola ikhompyutha kanye ne-calculator.

    Lo mfundaze uvuleleke kubafundi abazokwenza lezi zifundo:

    • Mining engineering 
  • Metallurgical engineering 
  • Electrical engineering (heavy current) 
  • Mechanical engineering 
  • Industrial engineering  
  • Civil engineering 
  • Geology (honours)
  • Minerals surveying (BTech)
  • Okudingekayo: 

    • Ukuphasa kahle izifundo zezibalo kanye nesayensi
  • IsiNgisi
  • Kwabafuna ukwenza i-BTech nakhu okudingekayo:

    • Izibalo kanye nesayensi (ileveli 5)
  • IsiNgisi (ileveli 5)
  • Ithuba lizonikwa abafundi abahlala ezindaweni lapho kuzinze khona inkampani yakwa-Anglo-American (ngasezimayini zaseSishen, Kolomela naseThabazimbi).

    Ngena lapha ulandele imigomo yokugcwalisa amafomu http://www.kumba-online.co.za/careers_bursaries.php. Uma usuwagcwalisile amafomu, ungawathumela ngemeyili ku- bursars@angloamerican.com noma uwathumele ngesikhahlamezi ku-086-645-5160. Asiveziwe isikhathi sokuvalwa kwezicelo zemifundaze

    Join the conversation!

    24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

    We reserve editorial discretion to decide what will be published.
    Read our comments policy for guidelines on contributions.
    NEXT ON NEWS24X

    AB praises selfless skipper

    2010-11-21 18:15

    Inside News24

     
    /News
    Traffic Alerts

    Jobs in Cape Town [change area]

    Jobs in Western Cape region

    IT Manager (contract)

    Cape Town CBD
    Communicate Cape Town IT
    R330 000.00 - R458 000.00 Per Year

    HSE Manager

    Cape Town
    Tumaini Consulting
    R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

    Reporting Accountant

    Cape Town
    Network Finance Professional / Prudential
    R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

    Property [change area]

    There are new stories on the homepage. Click here to see them.
     
    English
    Afrikaans
    isiZulu

    Hello 

    Create Profile

    Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


    Please provide a username for your profile page:

    This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

    Settings

    Location Settings

    News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




    Facebook Sign-In

    Hi News addict,

    Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

    Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.