Nazi ezinye zezizathu ezenza owesifazane angafiki kuvuthondaba

2017-01-20 13:01

Johannesburg - Nakuba abantu besilisa behlale befika kuvuthondaba uma benza ucansi, akunjalo ngaso sonke isikhathi kubantu besifazane.

Nazi ngezansi ezinye zezizathu ezenza abesifazane bangafiki kuvuthondaba kwesinye isikhathi uma kwenziwa ucansi.

1. UKUPHUTHUMA UKUDLALISANA/UKUWOTAWOTANA (FOREPLAY)


Ukuwotawotana kubalulekile uma ufuna ukufika kuvuthondaba njengomuntu wesifazane. Iningi labantu besifazane lidinga cishe imizuzu engu-20 yokuwotawotwa ngaphambi kokuba kwenziwe ucansi. Ngakho uma ufuna ukufinyelela kuvuthondaba, ungajahi ukwenza ucansi.  

2. UKUKHATHAZEKA NGOKUFIKA KUVUTHONDABA

Uma sewenza ucansi kodwa ulokhu unokukhathazeka ngokufika kuvuthondaba, lokho kuzokunika inkinga yokufika kuvuthondaba. Uma ukhathazekile ngesikhathi wenza ucansi uyalibala ukujabula nokuthi kumele uzithokozise.

OLUNYE UDABA: Ucansi lumnandi uma owakwakho ephiwe induku

3. ININGI LABESIFAZANE ALAZI UKUTHI LIJABULA UMA LITHINTWA NGAKUPHI
 

Kubalula kakhulu ukufika kuvuthondaba  uma owesifazane ezazi ukuthi uthintwa ngakuphi uma enza ucansi ukuze ezofika kuvuthondaba. Uma wazi ukuthi uthokazi ngakuliphi uhlangothi uyakwazi ukuholela owakwakho ngalapho uma nenza ucansi ukuze ufike kuvuthondaba.

4. UKUNGASHISI / UKUNGALANGAZELELI UCANSI

Bancane kakhulu abesifazane abafika kuvuthondaba ngokuthi benze nje kwenziwe ucansi kuphela. Iningi labo kudingeka lishise, lilangangazelele ngokwanele ukwenza ucansi ngesikhathi kusadlaliswana ukuze lifinyelele kuvuthondaba.

5. UKUPHAZANYISWA WENZA UCASNI

Uma kukhona okukuphazamisayo ngesikhathi wenza ucansi, lokhu kungenza kubenzima ukuthi ufinyelele kuvuthondaba. Ukucabanga ngezinkinga zemali noma zomsebenzi ngesikhathi wenza ucansi kwenza ungafinyeleli kuvuthondaba. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.