Ngabe ngamsiza uLundi ukuba nganikwa ithuba - Mboro

2017-02-03 13:02

Johannesburg - Ngaphambi kokuba adlule emhlabeni uLundi Tyamara, uMfundisi Paseka “Mboro” Motsoeneng we-Incredible Happenings Church, wacela ukukhipha uLundi eCharlotte Maxeke Johannesburg Academic Hospital amfake esibhedlela esizimele ukuze athole ukunakekelwa okungcono.

“Ngavakeshela uLundi esibhedlela ngakhuluma nemenenja yakhe, u-Anele Hlazo, ngimtshela ukuthi ngizoqale ngikhokhe u-R100 000 esibhedlela esizimele. U-Anele wathi uzokhuluma nomndeni bese ebuyela kimina. Ngamfonela kaningi kodwa lutho ukunginika imvume,” kusho uMboro.

Uthi ubengeke akunqande ukufa kukaLundi uma sekuyisikhathi sakhe, kodwa wayezomsiza athole ukunakekelwa okungcono.

OLUNYE UDABA: Akeneme umreha ocishe wakhwatshaniselwa

“U-Anele kanye nowesifazane okuthiwa uThobeka babefuna ukwenza imali ngoLundi, bengenandaba naye. Bancisha uLundi ithuba lokuthola ukunakekelwa okusezingeni eliphezulu,” kusho uMboro ediniwe.

UMboro uthe akaze aziswe yena ngokugula kukaLundi kodwa lolu daba walufunda emaphephandabeni wabe eseziyela yena esibhedlela.

UMboro uthi isifiso sakhe sokusiza uLundi wayengahlosile ngaso ukufuna udumo, kubika iDrum.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.