Ngabe uRamaphosa uzicubuzela amagabade ngokuhlelela uZuma isidlo sakusihlwa?

2018-02-20 18:00

Johannesburg – UMengameli Cyril Ramaphosa kulindeleke ukuba asingathe isidlo sakusihlwa ngoLwesibili ebusuku ngenhloso yokuhlonipha lowo angene ezicathulweni zakhe, uJacob Zuma.

OweHhovisi likaMengameli uTyrone Seale uqinisekisile ukuthi uRamaphosa uzosingatha isidlo sangasese sikaZuma neKhabhinethi lakhe, lokhu ukwenza nje kuvunguza amahlebezi okuthi angase enze izinguquko kwiKhabhinethi lakhe.

Lesi sidlo, okulindeleke ukuba sithokozelwe eTuynhuys, eKapa, sihlelwe ngenhloso yokuvalelisa kuZuma namalungu aphezulu abesebenzisana nawo.

UZuma wesule esikhundleni ngesonto eledlule, kulandela izingxoxo phakathi kwakhe nobuholi obuphezulu be-ANC obusanda kukhethwa.

UZuma ubengekho ngesikhathi uRamaphosa ekhethwa njengomengameli, futhi wangabonakala noma esethula iState of the Nation Address.

OLUNYE UDABA: UNgqongqoshe wezeziMali uzocacisa ngemfundo yamahhala - Ramaphosa

Enkulumweni ekhethekile abanayo ne-SABC, ngaphambi kwamahora ambalwa amemezele ukuthi uyehla esikhundleni, uZuma wabuza ukuthi zithini izizathu zokukhishwa kwakhe emandleni. Waphinde wazwakalisa ukuthi akamelene nenhlangano, kepha akavumelani nabaholi bayo.

Imizamo yokuqinisekisa ukuthi ngabe uZuma uzoba khona kulesi sidlo, kayiphumelelanga.

Umhlaziyi weNews24, uRalph Mathekga, uthe kuyadida ukuthi kungani uRamaphosa ehlele lesi sidlo.

"Ngabe lokhu ukwenzela iKwaZulu-Natal? Ngabe uzama ukuthi, ningakhathazeki, senzela uZuma idili, sizomvikela," kubeka uMathekga.

Udaba oluphelele lapha.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.