Ngabe wena sewaxolisa kini?

2016-07-20 14:30

Dear Mhleli,

Ngiyabingelela Mhleli nethimba lakho ngokunjalo nabafundi bakho,ngibonge nokuthola ithuba lokuthi nami ngilobele kulengosi yalaykhaya ehlabahlosile.

Cha njengoba singabantu base-Afrika kunezinto esizithatha njengezinto ezibaluleke kakhulu ezimpelweni zethu kodwa okubukeka sengathi sesiyazilibala noma abantu abadala abasekho nokuyibo esingancela kubona ulwazi ukuze siqonde kabanzi ngazo.

Ngokujwayelekile umthetho  kaNkulunkulu uthi kumele umuntu athole umntwana uma seshadile kodwa ngenxa yesikhathi esesiphila kuso sikuthola kunzima lokho. Kunento esike siyiqaphele sonke ukuthi uma ingane izalele ekhaya akekho noyedwa umzali oke ajabule ngalesosenzo kodwa uyaye aphatheke kabuhlungu enhliziyweni umzali waleyongane,omunye aze aphimise noma akhulume amagama anzima enganeni yakhe, kanti omunye kuyenzeka aze achiphize ngisho izinyembezi imbala.

Ngakolunye uhlangothi uNkulunkulu uthi umzali mekewakusola kuyisiqalekiso lokho, ngamanye amazwi ngokuzalela ekhaya nakanjani usuke sewuzitholele isiqalekiso kumzali wakho, futhi usuke usuwungcolise wawuqeda umsamo wakini. Umbuzoke uthi ngabe wena ntombazane eyatholela ingane ekhaya umzali wakho sewasho yini ukuthi ngane yami ngiyakuxolela ngesenzo owasenzayo noma ngabe wena sewaxolisa yini ngamanyala owawenza egcekeni lobabamkhulu bakho.

Kuyenzekake uthole ukuthi nomzali akanalo ulwazi kahle ukuthi ngalenkathi ekusola wayesekuqalekisa,namhlanje kunabantu abangayi phambili izinto zabo zimile ngoba baqalekiswa ngabazali babo,kubalulekile ukuthi kube nguwe ozihluphayo ukuthi umzali wakho aliphimise elithi ngane yami ngiyakuthethelela ngesenzo sakho.

Okunye futhi kumele wena ntombazane ozalele ekhaya uthenge imbuzi bese uya kubaba wakho akushisele impepho emsamo akucelele intethelelo kokhokho bakho ngesenzo osenzile ukuze izinto zakho ziqonde kahle.

Kodwa lokho ukwenza uma lowomfana owakuzalisa engazange azihluphe ngokuthi azohlawula kini aphinde ageze nomuzi wakini,laphoke kusuke kuwumsebenzi wakho ukuthi ugeze umuzi wakini,ngoba akwanele ukuthi ekhaya bayayithanda ingane yami okusho ukuthi ngaleyondlela sebaxola.

Ngiyabonga ma-Afrika.

Moses Xolo 

Bheka ku-Facebook-Izindaba News24, ubone abanye batheni. 

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.


“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.