Ngalala nendodakazi yami,11 - Ubaba

2017-05-31 19:29

Johannesburg - Owesilisa ongubaba wengane yentombazane eneminyaka engu-11 ubudala kubikwa ukuthi uvumile ukuthi ubelala nendodakazi yakhe.

“Yebo, ngalala nendodakazi yami eneminyaka engu-11 ubudala ngoba usiko lwami luyangivumela.”

Lawa ngamazwi ashaqisayo okuthiwa ashiwo nguyise wengane etshela amalungu omphakathi abediniwe, esho ukumudla ephila.

“Ngaphambi kokuba ashade noma athandane nomunye umuntu, ngokosiko lwami kumele ngilale naye kuqala,” etshela izakhamuzi.

Owesilisa oneminyaka engu-41 ubudala uboshwe ngesikhathi ezama ukubaleka emzini wakhe oseDark City ngaphandle kwaseThulamahashe, eMpumalanga, ngeSonto.

Uvele eNkantolo yeMantshi yaseMhala ngoMsombuluko, wagcinwa ngaphakathi esitokisini.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe owesilisa ngokubulawa kwengane eKapa

Akabuzwanga ukuthi uyalivuma noma cha yini icala.

Lona kuthiwa wabanjwa ngemuva kokuba owesifazane wasendaweni ebuze ingane ukuthi kungani inesisu kanye namabele amakhulu incane kangaka ngesikhathi bekha amanzi empompini.

Ingane yamstehla ukuthi sekuphele izinyanga uyise elala nayo ngenkani.

Umphakathi wanikela kubo udiniwe, kanti le ndoda kuthiwa yaze yasindiswa amaphoyisa.

Umama wentombazane ongayizali, 40, uthi umyeni wakhe wayevame ukumshiya yedwa ekamelweni ebusuku, athi uyobuka umabonakude.

Uthi ubejwayele ukumfica phakathi kwamabili ehleli kusofa egone ingane.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.