'Ngamcela uMbeki ukuba aphathe ihlandla lesithathu ukuze kunqandwe uZuma'

2017-11-08 11:00

Johannesburg – Lowo owayenguNgqongqoshe wezobuNhloli kuleli uRonnie Kasrils uthi wacela lowo owayengumengameli uThabo Mbeki ukuba angenele ukhetho lokuphatha i-ANC ihlandla lesithathu ukuze kuvinjelwe uMengameli Jacob Zuma ukuba aqhoqhobale lesi sikhundla.

Uphawule kanje ngoLwesibili ebusuku eVincent Mabuyakhulu Conference Centre ngesikhathi ethula incwadi yakhe esihloko sithi A Simple Man – exoxa ngobudlelwano bakhe noMengameli Zuma ngesikhathi besekudingisweni ngeminyaka yama-80s.

"Hhayi ngoba ngangizama ukuveza uMbeki njengongcwelengcwele, kepha ngokungangabazi kwakungukumelana noZuma," kusho uKasrils etshela izihlwele.

OLUNYE UDABA: UZuma kumele avele enkantolo ngaphambi kwenkomfa kaDisemba - DA

Uthe akukho okwakuphambene ngokucela uMbeki ukuba angenele ihlandla lesithathu njengoba kungekho lutho kuMthethosisekelo we-ANC ephikisa lokhu, ekubeni wayengakwazi ukuhlala amahlandla amabili kuphela njengomengameli wezwe.

Ube esenaba kabanzi ngesinqumo sakhe sokubhala incwadi ngoZuma wananela ngokuthi wazama ukuxwayisa umengameli wokuqala wentando yeningi kuleli, uNelson Mandela ngalo mholi ngemuva kokubona izimpawu ezikhathazayo ngaye.

"Kwakukuningi okwakungikhathaza ngalo muntu futhi ngase ngiwabonile amanye amaphutha ayenokuwenza uZuma ekudingisweni ngase ngiyamxwayisa ngaye uMadiba.

"Amanye alawo maphutha abandakanya ukucwasa ngokobuhlanga, indlela ayecabanga ngayo ngobulili, abesifazane kanye nabathandana nabobulili obufanayo, angiyiphathi-ke eyokuba semuva ngendlela acabanga ngayo," esho.

Uthi uZuma ungumuntu onezimfihlo nowayehlezi esungula izinhlaka ngasese, kusho uKasrils.

Thola udaba oluphelele lapha.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.