'Ngamuzwa ekhala, waze wathula’ - Kusho umama wengane eyasha yangqongqa nomjondolo

2018-03-09 11:01

Cape Town - "Ngamuzwa ekhala, waze wathula,” kusho uLulama Ngqiyi ekhumbula usuku indodana yakhe yashona ngayo emlilweni ePholile Park ngomhlaka-2 kwephezulu.

Indodana kaNgqiyi uLukho, 9, yashona ngemuva kokusha nomjondolo.

Ngokubika kweGroundUp, evakashele lo mama emjondolo wakhe oyigumbi elilodwa ehleli namadodakazi akhe amabili kanye nomzukulu, uthi walahlekelwa yikho konke ngesikhathi kusha.

Bangu-150 abantu abasala bengenamakhaya ngesikhathi kusho imijondolo yabo emlilweni.

Yize engasenayo impahla yasendlini kukhona iminikelo yezimpahla, yitafula elincane kanye nokudla kwezingane akuthola ebantwini.

Ngokusho kwakhe, uthi namanje kusenzima ukudlulisa konke okwenzeka ngalobuya busuku.

“Angikalulami kukho konke okwenzeka, futhi angikholwa ukuthi ngizokwazi ukudlulisa indlela engalahlekelwa ngayo yindodana yami,” kusho yena.

Uthi umlilo waqala emjondolo wakhe onamagumbi amathathu ngo-23:00 ebusuku lapho ayehlala khona nezingane zakhe ezine, wumzukulu kanye nomshana wakhe.

OLUNYE UDABA:"WayeyiNkosi kimi konke ayekusho ngangikwenza ngaphandle kokungabaza"

Lo mlilo waqalwa wugesi owawuxhunywe ngokungemthetho. Ngalelo langa kwakuhambe ugesi, waphoqeleka ukuba ehlise amaswishi.

"Ngesikhathi kubuya ugesi sasesilele kodwa sezwa kuqhuma enye yamaplaki ngemuva kwesiqandisi ekhishini.

“Sonke saphuma sabalekela phandle, kodwa sathi sisamile sabona ukuthi uLukho akaphumanga endlini. Umjondolo wawuneminyango emibili, thina saphuma ngalo owawungenayo i-burglar gaurd yena wazama ukuphuma ngalo omunye.

“Sazama ukugqekeza ngesikhathi simuzwa ekhala silekelelwa omakhelwane. Kwasithusa kabi ukuzwa esethule engasakhali kwase kulandela ukuqhuma okokhulu. Ngavele ngabona ukuthi indodana yami iyashona,” kusho yena.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.