"Ngangiduduza abanye ngingazi ukuthi neyami iyingxenye yabashonile"

2017-01-19 18:01

Durban -Namuhla bekubanjwe inkonzo yesikhumbuzo yabafundi abashona engozini yetekisi nebhasi eNtuzuma. 

Abazali, izihlobo kanye nabangani bebehlanganyele ndawonye bekhumbula usuku lwesibhicongo.

UMusa Ngidi ongumalume kaNtobeko Ngidi, 16, ongomunye wabafundi abashona uthe, wayehleli ekhaya ngesikhathi engibona isithombe esifakwe umngani wakhe ku-Facebook exoxa ngale ngozi.

“Ngikhumbula ngibhala umlayezo name ngidlulisa awenduduzo emindenini elahlekelwe,”kusho umalume wengane eyashona.

Ngangazi ukuthi amatekisi aseNtuzuma awahambi lapha ngakhoke akekho wakithi obandakanyeka kule ngozi.

Lo malume uthi wathuka esethintwa udadewabo emtshela ukuthi umshana wakhe, uNtobeko akafikanga esikoleni.

“Ngazama ukuxhumana nomshana wami kodwa ucingo lwakhe lwaluvaliwe nokuyilapho lwangishaya khona uvalo.”

UNkosinathi Mjwara ongubaba yenye yezingane ezashona kule ngozi uthi akubona ngaloluya suku uyokuxoxela amagwababa echobane.

“Indodakazi yami uThabisile yayijabule ukuthi usejoyinwa umfowabo uNjabulo esikoleni samabanga aphakeme esiVananda njengoba yena enza ibanga 11 umfowabo eziqala ibanga 8,”kusho yena.

Lo baba uthi kwakumele abahambise esikoleni kodwa ngenxa yokubambezeleka bagcina sebeyogibela, wagcina encoma ubuhle babo ngemifaniswano yesikole.

“Ngangimi emyango ngibabuka behamba bobabili beyogibela, uThabisile ethi abantu bazobe bemncoma indlela yonke ngenyunifomu yakhe entsha.”

Lo baba uthi sezihambile izingane zakhe wavele wabhocobala wahlala esofeni ezizwa engamnandi kahle.

“Ngathola ucingo kunomuntu engitshela ukuthi sekunengozi eyenzekile ucela ngiphuthume. Angizange ngikuthathele phezulu lokhu ngangicabanga ukuthi yinto encane le ngoba bakwazi ukunikeza abantu enombolo yami.

Uthi ubengazi ukuthi umfana, okunguyena osindile onikeze abantu inombolo yakhe.

“Ngathi ngifika ngabona isibhicongo engingeke ngakwazi nokusichaza ngendlela okwakungakhona.”

Uthi wayengazi nokuthi uzomduduza kanjini umama wengane eshonile ngendlela ayehayiza ngakhona engakwazi nokududuzeka

UBonginkosi Khumalo ubaba kasScelokuhle Khumalo obeyoqala ibanga 8 esikoleni samabanga aphakeme isiBonelo.

Ngosuku lwengozi, lobaba uthi wathola ucingo kusukela kwindodakazi yakhe nayo efunda kulesi sikole enza ibanga 11 emtshela ukuthi umfowabo akafikanga esikoleni.

“UMbali wangitshela ukuthi ukhathazekile ukuthi umfowabo akafikanga esikoleni, wamcinga ekilasini lakhe nangesikhathi sekhefu futhi ukhathazekile kakhulu.”

Lo baba uthi walusukumela lolu daba waphuthuma ekhaya, nokuyilapho afika khona wezwa ngomakhelwane ukuthi kunengozi eyenzile.

Uthi waphuma umkhankaso ecinga indodana yakhe, waqala emtholampilo wakwaMashu ePolly bamtshela ukuthi zincane izingane ezilethwe lapha kodwa indodana yakhe kayikho.

UKhumalo uthi wahamba waze wafika esibhedlela iMahatma Gandhi wangamthola wacinga nakwezinye izibhedlela.

Uthi wabuyela kumama wengane ebusuku emtshela ukuthi usezihambe zonke izibhedlela lutho ukumthola kodwa  wavuka ekuseni waya nasemaphoyiseni emcinga kodwa lutho ukuphumelela.

“Kwase kusele ukuthi ukuthi siyobheka emakhazeni ngoba ngangingasazi ukuthi ngizobhekaphi. Kwasiza omakhelwane kanye nabaphathi bami emsebenzini ngoba ngase ngiphithene ikhanda.”

Lo baba uthi efika emakhazeni kwakunendida ngoba indodana yakhe yayikhonjwe ngomunye umndeni bethi ingane yabo yingakho babengaziswanga ngesikhathi.

“Kwasuka ingxabano lo mndeni uthi ingane yabo futhi bafuna igcinwe lapha. Wase savulwa isidumbu sengane ukuze ikhonjwe kahle ngokwamabala ayo emzimbeni ngoba ubuso babungasekho esimweni."

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.