'Ngangihola kancane kunabo bonke kuGenerations'

2017-05-16 17:59

Durban - Umlingisi uSonia Sedibe uthi uyena owayehola kancane kakhulu kunabo bonke abalingisi kuGenerations kodwa kwezinye izinhlelo wayehola kakhulu.

Lo mlingisi wasula kuGenerations ngemuva kweminyaka engu-9 eyingxenye yalo mdlalo ngaphambi kokuqala kwezinkinga.

USedibe uthi yize zazikhona izingqinamba ababebhekana nazo kulo mdlalo, kodwa yiwona owawukhokhela kangcono.

Le ntokazi isho lokhu ngesikhathi ivakashele ohlelweni iTrending SA esho ukuthi akamangali ukuthi lo mdlalo uhlelo lwabhekana nezinkinga yize zaqala esanda kuhamba.

OLUNYE UDABA:Umlingisi ukhala ngokuqhathaniswa nomlingiswa

“Ngangazi ukuthi lokhu kuzokwenzeka. Njalo uma kumele sixoxisane ngamaholo babehlezi besithembisa ukuthi bazosilungisela kahle ngonyaka olandelayo kodwa kungenzeki," kusho yena.

USonia uthi wahlala kulo mdlalo ukuze azakhele igama kule mboni futhi wahamba lapho esegculisekile ukuthi wonke umuntu uyamazi yize lase limnamathele igama likaNtombi Dlomo.

Le ntokazi ithathe leli thuba ukuba icacise ukuthi yashiya lo mdlalo ngoba ifuna ukubeka phambili umndeni wayo, kubika iSunday World.

“Kwasekuyisikhathi. Ngase ngihlale iminyaka engu-9 kulo mdlalo kodwa futhi izingane zami zazisencane. Ngabona kungcono ukuthi ngigxile ekunakekeleni umyeni wami nezingane zami, ngakho-ke angizisoli ngesinqumo engasenza,” kusho yena.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.