‘Nganika abakwaGupta ubuzwe ngenxa yeqhaza labo emnothweni’

2017-06-14 13:59

Johannesburg – UNgqongqoshe wezeziMali, uMalusi Gigaba, wanikeza abakwaGupta ubuzwe baseNingizimu Afrika ngonyaka odlule ngenxa yeqhaza labo emnothweni waseNingizimu Afrika, kubika iThe Huffington Post SA.

Empendulweni eyayibhalwe phansi kaHaniff Hoosen weDemocratic Alliance ngonyaka odlule, uGigaba, owayesenguNgqongqoshe wezezaseKhaya, wathi umthetho iCitizenship Act uyakubeka ukuthi angase, ngaphansi kwezimo ezingajwayelekile, anikeze isitifiketi sokwenza ube umhlali waseNingizimu Afrika kulowo osuke efake isicelo kodwa engahlangabezani nemigomo ebekiwe.

OLUNYE UDABA: #GuptaLeaks: Okwathunyelwa i-CV yakhe kwabakwaGupta wagixabezwa ngesikhundla kwa-Eskom

“Iqiniso lokuthi uMnumzane uGupta kanye nomndeni babamba iqhaza emnothweni waseNingizimu Afrika kwanikeza izizathu eziqinile zokucutshungulwa kwesicelo sabo ukuze banikezwe ubuzwe ngaphansi kwezimo ezingajwayelekile,” kusho uGigaba.

I-The Huffington Post SA ibika ukuthi abakwaGupta kusolakala ukuthi nabo baphinde bafaka amaphepha asekelayo nalapho babekhombisa ukuthi banezisebenzi eziqashwe ngokugcwele ezilinganiselwa ku-7 000 esiqashwe yi-Oakbay, okuyinkampani ephethe izinkampani ezehlukene zabo.

Iqhuba ithi uGigaba wabuzwa ukuthi yimiphi imininingwane egcwele yalezi zimo ezingajwayelekile anika ngaphansi kwazo ubuzwe abakwaGupta.

UGigaba wathi uma ngabe lowo ofake isicelo sobuzwe sinqatshiwe isicelo sakhe, angaya kuNgqongqoshe bese afake amaphepha anento ebambekayo ancoma ukuthi kungani kumele anikwe ubuzwe njengoba lokhu kuvumelekile ngaphansi kwezimo ezingajwayelekile. UGigaba uthi iyona kanye-ke into abakwaGupta abayenza.

UGigaba wabalula isidingo sokuthi abakwaGupta bamele inkampani yabo i-Oakbay Investments, nathi ngaphansi kwayo inezinkampani emikhakheni eyehlukene, okubalwa ezobuchwepheshe, izimayini kanye nezinkampani zezindaba, kubika iThe Huffington Post SA. 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.