Ngase ngicabanga nokuzibulala, kusho uSfiso Ncwane

2016-07-08 16:03

Johannesburg – Umculi wowokholo uSfiso Ncwane usekhulume ngokuthi wacishe wazibulala kulandela ukugxekwa ngumphakathi ngokuthengela umfundisi wakhe isipho semoto ka-R1.9 million.

UNcwane wathengela lo mfundisi iMercedez Benz njengesipho kulandela ukusindisa impilo yakhe ngemuva kokushaywa yisifo senhliziyo.

Ekhuluma nephephabhuku iMove! Lo mculi uveze ukuthi waba nokhwantalala kulandela ukugxekwa kuthiwa unaka abefundisi ekubeni umama wakhe ebhuqwa yindlala.

OLUNYE UDABA: ‘Akuyona imfihlo ukuthi uSfiso Ncwane wathwala ngathi’

"Impilo yami yaba nzima kakhulu kulandela ukuthengela umfundisi isipho semoto. Ngazama ukuqina njengendoda, kepha izinsuku zazingefani,” esho.

Uqhuba ngokuthi wake wacabanga nokuzibulala.

Lo mculi wengoma ethi Kulungile Baba, uthi wasizwa ukukhulekelwa unkosikazi wakhe nomfundisi waphuma kuye umoya wokufuna ukuzibulala.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.