'Ngazithengela ngeyami imali iSound System ka-R80 000'

2017-01-20 10:01

Pretoria – Ibamba likaKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke, uKhomotso Phahlane, lithi linikeze abe-Independent Police Investigative Directorate (IPID) ubufakazi bokuthi layikhokhela ngemali yalo igumbagumba (sound system) efakwe endlini yalo.

Abaseshi balolu phiko elibheka ukusebenza kwamaphoyisa liseshe umuzi kanokusho kaPhahlane osenyakatho yePitoli ngoLwesine njengengxenye yophenyo lwenkohlakalo oluqhubekayo.

UPhahlane usolwa ngokugwazelwa ukutholela inkampani amathenda ngesikhathi esayinhloko ngaphansi kophiko lwabaseshi.

Kusolwa ukuthi inkampani yafakela uPhahlane igumbagumba ka-R80,0000 emzini wakhe ukuze izothola amathenda emaphoyiseni.

OLUNYE UDABA: I-Ipid igasele umzeni webamba likaKhomishana wamaphoyisa

UPhahlane uthi ubuvezile ubufakazi bokuthi wazithengela ngeyakhe imali igumbagumba, ayeyikhiphe kwi-akhawunti yakhe wakhokhela inkampani eyamenzela umsebenzi.

I-IPIDisola ukuthi yinkampani eyathola ithenda emaphoyiseni eyafaka imali kwi-akhawunti yenkampani eyafaka igumbagumba emzini kaPhahlane.

UPhahlane kuthiwa wabe eseqinisekisa ukuthi inkampani ithola amathenda ezigidi.

Nakuba i-IPID yalile ukuphawula, kukholakala ukuthi umsebenzi wayo ubeyimpumelelo.

- EWN

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.