'Ngeke aphume esikhudleni uJacob Zuma engakafiki u-2019'

2017-08-28 12:33

Bushbuckridge – Uphiko lwentsha lwe-ANC ngaphansi kwegatsha laseSondelani eBushbuckridge selizwaklise ukweseka uMengameli Jacob Zuma.

Ngesonto, leli gatsha likhethe ikomidi eliphezulu elisha.

UWalter Mayinga, ongumgqugqezeli wesifunda, uthe badumele ngamanye amalungu ekomidi eliphezulu kwi-ANC avotele ukuba uMengameli Zuma aphume esikhundleni esiphakamisweni sokungethenjwa kobuholi bakhe ePhalamende.

OLUNYE UDABA: Kuvalwe imigwaqo ngenxa yombhikisho

"UJacob Zuma akayindawo engakashayi u-2019 futhi leso yisinqumo esithathwe yiningi. Umuntu ozibiza ngelungu le-ANC elithembekile kumele athobele ukusebenza kwentando yabantu,” esho.

UMayinga uthe uZuma wakhethwa ukuba abengumengameli wezwe kuzekube u-2019.

Uthi bona babevele bekwazi ukuthi ngo-2019 kuzobe sekungena omunye umengameli, abafani namanye amaqembu anabaholi abafuna ukubusa ungunaphakade.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.