Ngeke ilibone elidlalayo iChiefs - Arrows

2016-12-21 13:43

Johannesburg - Umdlali weGolden Arrows, u-Andile Fikizolo, uqagula ukuthi iKaizer Chiefs ngeke ilibone elidlalayo uma sebebhekene nayo.

Lo mdlali wasesiwini usefomini kulezi zinsuku futhi usevame nokuqala umdlalo.

Abafana Bes’thende bazosingatha iChiefs emdlalweni we-Absa Premiership ozobe useMoses Mabhida Stadium eThekwini namhlanje (ngoLwesithathu) ebusuku.

UFikizolo uthe: “Sizobe silwela amaphuzu amathathu – futhi angiyiboni iChiefs iphuma ngisho nephuzu elilodwa kulo mdlalo.”

OLUNYE UDABA: 'IChiefs isiwaphendulile amatafula'

Lo mdlali uthi bahlose ukuba baqoqe amaphuzu amathathu kulo mdlalo wokugcina wonyaka.

Uqhube wathi bayibambele amagqubu iChiefs njengoba yabashaya kabili ngesizini edlule, ekhaya nasekuhambeni.

“Kuqale isizini sifuna amaphuzu angu-23 emidlalweni engu-15. Sizofinyelela lapho uma singashaya iChiefs.”

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.