Ngeke kube mnandi eMzansi bengekho abelungu - Malema

2018-04-06 18:00

Uyacabanga ukuthi kungaba muncu kanjani eNingizimu Afrika bengekho abelungu, kusho umholi we-EFF uJulius Malema kwaqhuma uhleko ngaphandle kweNkantolo yeMantshi yaseBloemfontein ngoLwesihlanu, ngemuva kokuhlehliswa kwecala lakhe.

Lizobuyela enkantolo ngomhlaka-27 Julayi.

"Ngeke kube mnandi eMzansi bengekho abelungu, sebeyingxenye yethu. Kungafana nokuvuka ngelinye ilanga zingasekho izihlahla. Bayingxenye yeNingizimu Afrika, kumele basabele nathi umhlaba," esho etshela amakhulu abalandeli bakhe ngaphandle kwenkantolo, kubika iNetwerk24

Abelungu abazalelwa kuleli banalo ilungelo lokuba nomhlaba - kodwa hhayi wonke, esho.

Kuke kwaba nesimo esingajwayelekile enkantolo ngesikhathi uMalema engatshengisi ukuthi uyezwa ngemuva kokuthi umshushisi u-JJ Mlotshwa ebiza igama lakhe. Ut=nxuse ukuba icala lakhe libizwe ngendlela eyiyo.

OLUNYE UDABA: Ukuba ayikho i-EFF ngabe izwe alikho lapha - Malema

Icala libe selihlehliswa njengoba kusalindwe isinqumo secala lakhe eliseNkantolo eNkulu yaseNorth Gauteng, ePiltoli, lapho afaka khona isicelo mayelana neRiotous Assemblies Act of 1956. 

UMalema wabekwa icala ngaphansi kwalo mthetho ngemuva kokugqugquzela amalungu e-EFF engqungqutheleni yokuqokwa kobuholi ngo-2014 ukuthi bathathe umhlaba abawubonayo.

"Asizona izihambi kulo mhlaba. Izinkaba zethu zasala lapha. Kanjalo nabelungu abazalelwe kuleli, izinkaba zabo zilapha. Nabo bafanelwe wukuwuthola umhlaba, kepha kumele bakulungele ukuthi bazokwabelana ngawo nabanye."

UMalema uthe akukho okungalungile ngokuba nabelungu abangabasizi basezindlini baphinde babe ngonogada futhi.

Uqhube ngokuthi uWinnie Madikizela-Mandela ubengumuntu wesifazane onesibindi. "Umzabalazo wakhe uzoqhubeka ezimpilweni zabalandeli be-EFF," esho.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.