Ngeke kubenzima ukuvala isikhala sikaZuma - Cosatu

2017-04-05 11:01

Johannesburg – UMengameli Jacob Zuma akabalulekile kangako, kusho uNobhala Jikelele weCosatu uBheki Ntshalintshali ngoLwesibili.

"I-ANC ingakwazi ukuvala isikhala sakhe. Maningi amaqabane e-ANC angaphakathi kwi-ANC," usho kanje esithangamini sabezindaba ngoMsombuluko.

Ikomidi eliphezulu lomfelandawonye liphethe umhlangano walo ngokuvumelana ukuthi uZuma kumele ehle esikhundleni.

Uthe i-African National Congress yakwazi ukugudluza uThabo Mbeki ngoSepthemba 2008, ngakho akukho okungayihlula namanje.

OLUNYE UDABA: I-ANC izophuma emhlanganweni isibumbene - Kodwa

ICosatu ikusho lokhu ngemuva kokuba uZuma enze izinguquko kwiKhabhinethi lakhe, nalapho exoshe khona uPravin Gordhan nephini lakhe uMcebisi Jonas eMnyangweni weziziMali.

ICosatu ithi ayiluthathi kancane udaba lokuthi uZuma akaxhumananga nayo noma izikhulu eziphezulu ze-ANC ngesikhathi ethatha isinqumo sakhe.

UNtshalintshali uthe uZuma akanabo ubuholi bokwakha ubumbano kwi-ANC.

Lokhu kwenzeka nje uZuma usecele umhlangano nomfelandawonye wezinyunyana zabasebenzi, iCosatu, kulandela ikhwelo layo nalapho ibimnxusa khona ukuba abeke phansi izintambo.

UMengameli weCosatu, uS'dumo Dlamini, utshele izintatheli ukuthi uZuma umshayele ucingo ngoLwesibili ecela umhlangano nabaholi beCosatu.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.