Ngeke kuphazamiseke ukuholwa kwemali yakwaSassa - Umbiko

2017-01-28 13:26

Johannesburg – Ngeke kuphazamiseke ukuholwa kwezibonelelo zikahulumeni uma isiphela inkontileka uMnyango wezeNhlalakahle nabakwaCash Paymaster Services, kusho iSA Social Security Agency (Sassa).

"Sithanda ukuqinisekisa labo abathola izibonelelo zikahulumeni ukuthi ngeke kube khona kuphazamiseka ngomhlaka-1 Ephreli,” kusho okhulumela i-Sassa uPaseka Letsatsi.

Ngo-2014 iNkantolo yoMthethosisekelo yakhipha umyalelo wokuthi uMnyango uzibambele wona mathupha kulandela ukutholakala kokuthi kukhona imigudu engalandelwanga ngesikhathi kuqokwa i-CPS.

OLUNYE UDABA: Bangase babhekane nenkinga abathola eyakwa-SASSA

Amaqembu aphikisayo kuwacasulile ukungafiki kukaNgqongqoshe walo Mnyango uBathabile Dlamini ePhalamende azochaza ukuthi lolu hlelo luhamba kanjani.

UDlamini nesikhulu esiphezulu sakwaSassa, uThokozani Magwaza, bekufanele bafike ePhalamende bazochazela ikomidi elibhekelele ezenhlalakahle ukuthi ngabe sebekulungele na ukwenza izinguquko.

USihlalo wekomidi uRose Capa ngoLwesithathu uthe lo mhlangano wahlehliswa ngoba uDlamini noMagwaza babehambele i-lekgotla ye-African National Congress.

Abamaqembu aphikisoayo bebekhathazekile ukuthi lezi zinguquko zingase zidale ukuthi abantu bangazitholi izibonelelo zikahulumeni.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.