Ngeke kuphazamiseke ukuholwa kwezibonelelo ngenxa yamakhadi - Sassa

2017-10-18 16:03

Cape Town – ISouth African Social Security Agency (Sassa) isiphinde yagcizelela ekutheni abantu abangatatazeli uma amakhadi abo okuhola esephelelwa yisikhathi.

AbakwaSassa bathi ukuphelelwa yisikhathi kwala makhadi akusho ukuthi ngeke bayasiyithola imali yesibonelelo.

Sekuphele amasonto amathathu kulindelwe ukuthi uSassa ungene esivumelwaneni esisha sokuhlinzeka ngezidingo nabasePosini ukuze kube yibo abathatha umsebenzi wokuholela abantu izibonelelo zikahulumeni, kepha kuze kube yimanje lokho akukenzeki.

Amakhadi akwaSassa azophelelwa yisikhathi ngomhlaka-31 Disemba nonyaka, nokuqubula itwetwe kulabo abathola izibonelelo kuhulumeni ekutheni kungenzeka ukuthi bangasayithola le mali uma kuqala unyaka omusha.

Lowo oyisikhulu sesikhashana kwaSassa uPearl Bengu uthe amalungiselelo afanele enziwe neCash Paymaster Services, iPayments Association kanye nezitolo okuholwa kuzo ukuba bawamukele amakhadi noma esephelelwe yisikhathi njengoba kubhaliwe kuwo.

OLUNYE UDABA: Kuxwayiswa abanamakhadi akwa-SASSA ngoshintsho

OwakwaSassa, uPaseka Lesatsi, uthi ingamanga imibhalo ezungeza ezinkundleni zokuxhumana eyalela abantu ukuba bavuselele amakhadi abo.

“Uma sesifikile isikhathi sokuthi kushintshwe amakhadi, yithi esizoxhumana nomphakathi.”

Nokho uLesatsi akazange acacise ukuthi izibonelelo zizoqala nini ukutholakala ePosini.

“Sicela ukuthi wonke umuntu abekezele, kodwa ngiyaqinisekisa ukuthi sizoxhumana nabo ngenqubekelaphambili.”

ISassa ihluleke ukuhlangabezana neminqamulajuqu kwaze kwaba kathathu ngoSepthemba ekutheni ifinyelele esivumelwaneni nabasePosini, njengoba ithi ifuna ukuqinisekisa ukuthi yonke into ihanjiswa ngendlela.

 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.