Ngeke sikhulume ngoZuma emhlanganweni - Mantashe

2016-08-11 20:31

Johannesburg - Unobhala jikelele we-ANC uthi uma amaqembu aphikisayo efuna uZuma aphume esikhundleni sakhe ukuze basebenzisane neqembu elibuzayo, lokho bazobhekana nakho ngaleso sikhathi.

UGwede Mantashe ngoLwesine uthe imiphumela yokhetho iyona kuphela abazoyidingida emhlanganweni wabaholi beqembu elibusayo.

Funda nalolu daba: Umhlangano we-ANC uzodingida imiphumela yokhetho

Ngemuva kwemibiko ethi  ezinye zezinto ezifunwa yi-EFF ukuze izosebenzisana ne-ANC ukuthi uZuma ehle esikhundleni sakhe, uMantashe uthe ngeke kukhulunywe ngoZuma emhlanganweni.

“Angisoze ngaya kwelinye iqembu ngifike ngibeke umbandela wokuba lisuse umholi walo,” kusho uMantashe ekhuluma nezintatheli.

“Uma bekwenza kuthina kusho ukuthi kumele sikhulume ngalo lolu daba ezingxoxweni.”


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.