'Ngeke simbophe umka Mugabe kuze kube sithola umyalelo woMnyango'

2017-08-17 12:41

Johannesburg – UMnyango wamaPhoyisa uthi ngeke aboshwe unkosikazi kaMengameli Robert Mugabe, uGrace, kuze kube bathola umyalelo weMnyangweni wezobudlelwane namazwe omhlaba(Dirco).

UMugabe usolwa ngokushaya uGabriella Engels oneminyaka engu-20 ubudala ehhotela laseSandton ngempelasonto.

Umka mengameli ufake isicelo sokuba angaboshwa ngaphansi komthetho ovikela iziphathimandla zikahulumeni kanti kumanje kulindwe umyalelo weDirco.

UMengameli Robert Mugabe utheleke eWaterkloof Airforce Base ngoLwesithathu ebusuku kanti kulindeleke angenelele kulolu daba.

OLUNYE UDABA:  I-ANC yathola iminikelo kwabakwaGupta - Mkhize

Okhulumela uMnyango, uVuyo Mhaga, uthi: “Uma iDirco usisazisile ngokusebenza komthetho ovikela iziphathimandla zikahulumeni, sizobe sesibazisa abantu baseNingizimu Afrika ngokuzokwenzeka kanti namaphoyisa ngokunjalo kumele enze umsebenzi wawo.”

Khonamanjalo, iDirco ikuqinisekisile ukuthi ithole incwadi ephuma kuhulumeni waseZimbabwe ngokuba kusetshenziswe lo mthetho kumka kuMugabe.

Uma lo mthetho usetshenziswa kuzobe kungokwesibili umka Mugabe ephunyuka, njengoba nango-1999  engaboshwanga kulandela ukushaya intatheli yaseBhrithani eHong Kong.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.