Ngeke sixoshe muntu ofuna ukukhankasela i-ANC, ngisho noZuma imbala - Mbalula

2018-03-10 15:08

Johannesburg – I-ANC ngeke ixoshe muntu onesifiso sokusebenza uma inhlangano isikhankasela ukhetho, kusho lowo oyinhloko yezokhetho uFikile Mbalula ngoLwesihlanu.

Uphawule kanje ngesikhathi evikela ukuzibophezela kukalowo obengumengameli uJacob Zuma ekukhankaseleni inhlangano njengoba kugqugquzelwa abantu ukuba babhalisele ukuvota kule mpelasonto.

UMbalula ubekhuluma nabezindaba ekomkhulu le-ANC iLuthuli House ngemuva kwamahora ambalwa uSotswebhu we-ANC ePhalamende ememezele ukuthi uMbalula usesulile njengelungu lePhalamende.

OLUNYE UDABA: I-IEC inxusa abantu ukuba babhalisele ukuvota

Uthe i-ANC ihlele ukukhankasa kule mpelasonto inxenxa abantu ukuba baphume ngobuningi babo bayobhalisela ukuvota, wanxusa nabantu abasha ukuba balisebenzise ithuba lokuvota okhethweni lwangonyaka ozayo.

"INingizimu Afrika ingene esiqalweni esisha sethemba nokuqalwa kabusha kwezinto,” kusho uMbalula.

Uphinde wathi bonke abantu bakuleli, okubalwa netsha, kumele babumbane ukuze kukhuliswe umnotho wezwe, kwakhiwe amathuba omsebenzi kuphinde kuliwe nokungalingani okudlangile ezweni.

Ngesonto eledlule, ukuhambela kukaZuma i-workshop yokhetho ebesesihlelwe nguMbalula kwashiya abaningi benemibuzo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.