Ngeke sixoshe uZuma ngoba sifuna ukusebenzisana ne-EFF - ANCYL

2016-08-08 17:32

Johannesburg – UMengameli Jacob Zuma ngeke axoshwe kwi-African National Congress ukuze i-Economic Freedom Fighters izokwazi ukusebenzisana neqembu elibusayo, kusho umgcinimafa we-ANCYL uReggie Nkabinde ngoMsombuluko.

“Ngeke kwenzeke lokho. Kuzokwenzeka ngifile. UZuma akayindawo. Sizomvalelisa kahle ngo-2019, uma eseshiya kuhulumeni nasekuholeni i-ANC, sithi usihole kahle,” kusho uNkabinde etshela izintatheli eGoli.

Ukusho lokhu ngemuva kokuba i-EFF ithe izosebenzisana ne-ANC kuphela uma kuxoshwa uZuma.

Funda nalolu daba: Kugwazwe owe-ANC ePinetown

UNkabinde uthe ugculisekile ngobuholi bukaZuma: “Uyiqhawe lami; ngijabule kakhulu ngaye.”

Uqhube wathi akakholelwa ukuthi i-ANC kuyibhedele kakhulu okhethweni ngaphandle nje kokuthi kunomasipala abakhulu engenzanga kahle kubona.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.