'Ngeke sizwe ngoDj Bongs'

2016-04-26 16:00
Mamgobhozi

Mamgobhozi (Sindi Mbili)

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

Durban - Okokuqala kunakho konke nokubalulekile ukuthi angimkhonzile uDj Bongs, angisiye neze umlandeli wakhe.

Ngigcina ukulalela inyama yakhe kwakungesikhathi ecula noThabsile ingoma iThina Sobabili. Ngemuva kwalokho angiphindanga ngazi izingoma zakhe.

Kuyanginenga-ke ukuthi abhale ukuthi usesebenze kanzima kulelizwe ngalokho kumele ahlonishwe abantu, bathenge ngenkani amakepisi akhe.

OLUNYE UDABA: Kugxekwa uDJ Bongz ngokudayisa amakapisi ngo-R800

Cha angeke ngilithenge ikepisi lakho mfowethu, ngisho ngabe libiza u-R50. Angeke ngilithenge ngoba kunenhlese yokuphoqwa ukuthi siwathenge.

Ngolithatha kuphela uma ungipha, uma kwenzeka sihlangana emicimbini.

Ungangizwa kabi, angimelene nemikhiqizo yasekhaya eNingizimu Afrika, ngimelene nokuthengiswa ngenkani.

Akuqali ngawe ukuthi usaziwayo angenise ngemfashini kodwa akaze sithengiswe ngenkani. Sifuna ukuncengwa, singabathengi asifuni ukugolozelwa.

Umhlaba wonke uyayazi iCoca-cola kodwa nanamhlanje iCoke isazimaketha ngale kokwedelela, nawe ukuzuza izindondo akungakukhukhumaliseli ikhanda.

Uma ufuna abantu bathenge uyathoba uzincengele ungabazeli ngobuso.

Angeke ngibize gama lamuntu kodwa awubuke kwabanye ozakwenu asebengene kwimfashini abaselokishini elithi alibe umakhelwane nelakini.

Akaze basiphaphele, nawe ehlisa kancane umoya.

Ngesikhathi wehlisa umoya, wehlise nentengo yamakepisi, hhawu unamawala bo.  Uyakhohlwa ukuthi thina ontanga yakho abasebenzayo asidlali umculo wakho futhi angeke sakhipha imali engaka sithenga amakepisi.

Ngalokho ngithi uma kwenzeka kuba khona abawathengayo koba yigenge le esakhula esacela imali kumzali nesathengelwa ekhaya.

Akekho-ke umzali ongakhipha imali engaka ethenga ikepisi.

Ngicela usithathe lesi seluleko sami kungenjalo uyogcina uwaphonsela izingane emcimbini usuphisana ngawo ugcine ungatholanga nendibilishi le.


Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.


“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter





Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.