Ngeke uyithinte i-ANC - uZuma etshela amaqembu aphikisayo

2017-08-09 09:47

Cape Town – Imizalo yamaqembu aphikisayo yokugudluza iqembu elibusayo i-African National Congress ayisoze yaphumelela, kusho uMengameli Jacob Zuma etshela abalandeli bakhe ngoLwesibili ebusuku kulandela ukungaphumeleli kwesiphakamiso sokungethenjwa kobuholi bakhe.

"Bazozama bazame, ngeke kodwa bayehlule i-ANC," kusho uZuma obegcwele injabulo etshela abalandeli ebebebuthene ngaphandle kwePhalamende.

"Ngeke uyithinte i-ANC, ngisho ungayithandi, lokho okwakho…i-ANC ngeke yehlulwe.”

OLUNYE UDABA: Izithombe zemicimbi eyenzeke ngaphambi kwevoti

Abalandeli bebechwaza, bememeza bethi Zuma Zuma Zuma, ngesikhathi egxeka amaqembu aphikisayo kulandela ukusinda kwakhe ihlahla lesishagalombili.

Amalungu angu-198 ePhalamende avotele ukungahambisani nesiphakamiso, kanti angu-177 avotele ukweseka isiphakamiso, kwathi ayishumi nanye akhetha ukungasithathi isinqumo.

"Bacabanga ukuthi bazosebenzisa izindlela ezithize ePhalamende ukugudluza iningi le-ANC. Ngeke kwenzeke lokho. Simele inqwaba yabantu.”

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.