"Ngibone ifu elemhlophe ligijima ngesivinini esikhulu" - Ennerdale

2016-11-15 18:04

Johannesburg - “Ngibone inefu elimhlophe ligijima ngesikhulu isivinini lapha ngasesigangeni ngase ngibiza abangani bami ukuthi bazongibonisa," kusho uReagan Geiger.

“Izulu belinetha futhi besigijima ngamandla, kuthe kusukalapho laduma futhi labanika lapho ebengikhona.

Kuthe kungakapheli nemizuzwana besekuphephuka yonke into, imizi ebifulelwe ngothayela isale engenalo uphahla ngoba bekuphephuka yonke into nabantu bebekhala.

Abantu baphume emizini yabo bayoma emgwaqeni, kuthe sesidlulile isishingishane kuvele kwaguqubala kwabamnyama.

UGeiger ubechaza ngesishingishane esidlule endaweni yase-Ennerdale, eningizimu nedolobha laseGoli ngoMsombuluko ntambama.

OLUNYE UDABA:Isishingishane sidale umonakalo eThembisa

Sekungokwesibili kulonyaka ukuhlasela kwesishingishane esifundazweni saseGauteng, kubika iTimeslive.

Esokuqala sadlule elokishini laseThembisa ngenyanga kaNtulikazi lapho kwasala khona abantu abangu-400 bengenamakhaya.

UPalesa Ndlovu uthi umsindo awuzwe ngesikhathi lesi sishingishane sidlula nophahla lwakubo bekungathi kudlula isitimela esiphatha imithwalo emikhulu.

"Kuvele kwawa cishe yonke impahla yasendlini ngesikhathi kuphephuka uthayela." 

Abezimo eziphuthumayo bathi ingu-500 imizi elimele kabi kulokhu kanti kusabikwe ngomuntu oyedwa olimalile.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.