'Ngidlwengulwa yinyoka nsuku zonke'

2017-03-24 19:30

Bulawayo - Owesilisa oneminyaka engu-40 ubudala ongumphrofethi uthi solokhu azibandakanya ocansini nentokazi yasesigodini saseNyau uhlukumezekile.

UPachawa Kwanamba udalule ukuthi uselalwa yinyoka uqobo lwayo selokhu aqala ukuya ocansini noShiela Taibu waseNyau.

UPachawa uthi le nyoka ifike izitike ngocansi naye ngemuva.

"Kwesinye isikhathi ngike ngicabange nokuthi kungcono ukuthi ngife kunokuphila le mpilo.

OLUNYE UDABA: Uthi usekhathele ukulalwa umphrofethi ongasekho emhlabeni

"Kwenzeka izinto ezingaqondakali kusukela ngosuku engagcina ngalo ukuzibandakanya ocansini noSheila kanti manje sengiyazisola ukuthi ngalalelani naye.

"Njalo uma ngichazela abantu isimo sami abanye babo bacabanga ukuthi sengiyasangana kanti abanye abasangikhulumisi.

"Ngizithola ngiyisisulu sokuhlukunyezwa ngokocansi yile nyoka nsuku zonke. Le nyoka ifika njalo sengilungiselela ukuyolala bese ifika iyazenzela nje la kimi. Nginezibazi manje la ngemuva ngenxa yale nyoka," esho.

"Sekuphele iminyaka emithathu ngibhekene nale nkinga. Ngaqala ngayigcina iyimfihlo kodwa sengikhethe ukukhuluma ngayo ukuze ngizothola usizo.

"Sengiphuma ngisho kubo kaShiela ukuze bezosusa lesi siqalekiso ngaze ngabathembisa nemali kodwa lutho ukuthola usizo," esho.

UMbuya Taibu, ongubaba kaShiela, uthe uzokwamukela isinxephezelo sikaPachawo uma kuvuma indodakazi yakhe okuyiyo eyazibandakanya ocansini naye.

"Ngiyazi ukuthi uPachawo wayekipite noShiela, lokho akwamukelekile. Ngiyazi futhi nangesimo sakhe kodwa isinxephezelo sakhe ngizosamukela uma ngithola imvume kuShiela," ephetha.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.