"Ngifuna izinyo lami"

2016-07-12 10:01

Johannesburg - UKholeka Msiya, 46, ungowesifazane ophoxekile futhi othukuthele ngemuva kokushaywa ngesibhakela emlonyeni ngumnikazi wesitolo.

"Angiyifuni imali. Ngifuna izinyo lami," kusho uMsiya wasePimville eSoweto.

UMsiya uphinde wathi wagilwa amaphoyisa athi akasayinde isivumelwane sokunxeshezelwa ngo-R500.

OLUNYE UDABA: Uvelile osolwa ngokubulala intombi nomama wayo

UMsiya uthi waya eDiepkloof eSoweto ngoMgqibelo eyothenga intambo kagesi azoyisebenzisa esitolo sakhe.

"Ngabona amadoda amane ayephuze kakhulu eme ngaphandle kwesitolo."

Kholeka said she went to Diepkloof, Soweto on Saturday to buy an extension cord for her spaza shop.

Kwaqubuka ingxabano phakathi komnikazi wesitolo nala madoda uMsiya wase ekhetha ukuhamba.

"Ngase ngisesicabheni ngesikhathi ngizwa ngento ingishaya ngase ngaba nesiyezi. Ngezwa into emlonyeni ngazitshela ukuthi ushingamu kodwa kwakuyizinyo lami. Umnikazi wesitolo wathi uzonginxephezela ngoR500 kodwa nganqaba ngoba angeke uze wanele ukuthola izinyo lokufakelwa.

"Ngaya esiteshini samaphoyisa ngaphelezelwa ngamaphoyisa amabili sesiya esitolo. Omunye walama phoyisa wakhipha ibhuku wabhala okuthile kulo. Ngacelwa ukuba ngisayinde ngaphandle kokufunda. Nomnikazi wesitolo naye wasayinda."

Wathuka woma esethola ukuthi usayindele isivumelwano sokunxeshezelwa ngo-R500.

"Amaphoyisa angitshela sengisayindile ukuthi ngisayindele ini. Ngawatshela amaphoyisa ukuthi ngizoya kudokotela ngithole ukuthi yimali ukufakela izinyo ngibuye."

Ngesikhathi uMsiya esebuyela esioteshini eyozama ukuvula icala uthi amaphoyisa anqaba ukumsiza. Uthi amaphoyisa athi akalimalanga ngenhloso. Ngesikhathi iDaily Sun ithinta uCaptain Matlou Mpeto waamaphoyisa aseDiepkloof wathi uMsiya akabuyle esiteshini. Kodwa afike acele umphathi wesiteshi abike ngamaphoyisa anqaba ukumsiza.

“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.